UDABA lombandela weMamelodi Sundowns ovimbela izimbangi ukudlalisa abadlali ezibaboleka kuyo uma zibhekene nayo, ngesinye isihloko esihlala sivuke ebholeni lakuleli.
Usunesikhathi eside usebenza lo mbandela kanti okwenza uzwele wukuthi iSundowns ihlezi izihola phambili kwiPremier Soccer League (PSL) ngokuba nabadlali abaningi ababolekisiwe masizini wonke.
Lokho kungenxa yokuthi njalo uma kuvulwe iwindi ihlezi iphuma nenqwaba yezibabuli emakethe zize zimbondelane eChloorkop nokugcina kuphoqa ukuthi ezinye zibolekiswe.
Babodwa abathi ithenga nabadlali engabadingi ngenhloso yokumaka izimbangi zayo kanti kunanezikhalo zokuthuntubeza neBafana Bafana ngokuduvisa ebhentshini kwaleli qembu abadlali elibadingayo iqembu lesizwe.
*Abadlali beSundowns ababolekisiwe kule sizini -
-USiyanda Msani odlala ohlangothini lwesokunxele kwiRichards Bay, asephenduke esinye sezethenjwa zayo.
-Sammy Seabi okwiSekhukhune United isizini yonke kanti yena nangesizini edlule ubebolekiswe kwiChippa United.
-Divine Lunga obuyiselwe kwiLamontville Golden Arrows abethengwe kuyo ngesizini edlule.
-Grant Magerman naye okungokwesibili amasizini elandelana iSundonws imbolekisa. Kulokhu ukwiSuperSport United kanti ngedlule ubekwiSwallows FC.
-Ricardo Goss, osephenduke isethenjwa sikanozinti kwiSuperSport lapho ehlangene khona nomqeqeshi ake asebenza naye kwiBidvest Wits, uGavin Hunt.
-Keletso Magalwa, omunye futhi osephila ngokubolekiswa kwazise kule sizini ukwiTS Galaxy, ngedlule ubekwiSwallows. Uke waya nakwiMaritzburg United kumasizini edlule.
-Promise Mkhuma, okungumdlali osemncane obolekiswe kwiSwallows yize ebehlezi ekhombisa izimpawu ezinhle njalo uma enikwe ithuba kwiSundowns.
-Lyle Lakay okhonjwe kwiCape Town City engazi ephambana noTerrence Mashego oyinxele lasemuva lesihlanu emabhukwini eSundowns kuyimanje.
-Thabang Sibanyoni okungomunye okwiSuperSport.
Ezinyangeni ezimbili ezidlule iqale phansi yaba sematheni eyokungavunyelwa kwabadlali beSundowns ukuthi babhekane nayo lapho bebolekiswe khona. Lokhu kususwe umqeqeshi uHunt ngesikhathi ezakhe kumele zidlala namaBrazilians koweMTN8. UHunt wabeka ukuthi lo mthetho awunamqondo.
Abaqeqeshi beSundowns, bekhulunyelwa nguRhulani Mokwena obambisene noManqoba Mngqithi, bakuveza ukuthi ngeshwa akukho ukungenelela abangaba nakho ngoba basuke bengekho kusayinwa izivumelwano zokubolekana.
“Yileyo ndlela okwavunyelwana ngayo. Ngangingekho. Kunzima kakhulu ukuzwelana nabo. Thina singabaqeqeshi okwethu wukuqeqesha,” kusho uMokwena.
Okusanda kuvela engxoxweni kamengameli weTS Galaxy uTim Sukazi ayethule kwiNewzroom Afrika, wukuthi amaqembu awuqonda kahle lo mbandela yize iningi emphakathini liwubeka amabala.
“Usuke ungenawo amandla okuzikhethela, ikakhulu uma kunguwe ocela ukubolekwa umdlali,” kusho uSukazi.
“Nokho kuyenzeka uthole ukuthi yiyo iSundowns enesidingo sokubolekisa ngomdlali bese beza kuwe eqenjini ababona ezolithola kulo ijezi.
“Isibonelo nje yiGolden Arrows, ngicabanga ukuthi ngenxele laseZimbabwe (uDivine Lunga) yibo abebefuna kuvuleke isikhala somdlali wangaphandle ngakho bacela i-Arrows ukuthi ibadlalisele lo mdlali waseZimbabwe.
“Lapho i-Arrows ingasho ukuthi sizomdlalisa umdlali wenu kodwa asiwufuni lowo mbandela. Lapho-ke iSundowns izovuma.”
ULunga nebala udlalile i-Arrows iguqa ngo 2-1 kwiSundowns eTshwane ngoSepthemba 10 koweligi.
Yize ekuqonda ukusebenza kwawo lo mbandela uSukazi kodwa akakufihli ukuthi akawuthandi nokuthi akawazi kwamanye amazwe.
“Yize lo mbandela ungaphikisani nomthetho webhola kwazise kusuke kuvumelene izinhlangothi ezimbili (amaqembu) kodwa sibaningi sishaya amakhala ngawo ngoba uncisha umdlali ithuba lokuzibonakalisa eqenjini elimbolekisile.”
USukazi, onomlando wokuphatha izindaba zabadlali kanti enjalo unguqweqwe lommeli, wathi lo mbandela uwazi usetshenziswa eNingizimu Afrika kuphela.
Ephendulela iSundowns uYogesh Singh, oyisikhulu eMnyangweni wezoMthetho nezithinta ibhizinisi leqembu (Executive: Legal & Commercial) uqhakambise ukusebenzisa lo mbandela ukuvikela abadlali babo.
“Akusiyo into entsha le futhi namanye amaqembu anakho ukuyenza. Okumqoka la wukuthi sisuke sivikela imiqondo yabadlali bethu,” kusho uSingh.
“Cabanga nje sibolekise uRicardo Goss njengonozinti kwiSuperSport United. Avele enze iphutha epalini elisinika igoli ezintini ebhekene nathi. Ngeke kungabikhona ukukhuluma ukuthi ‘wenzelele iSundowns ngoba vele yiqembu lakhe’.
“Sonke siyawazi umlando wezigameko zokudayiswa kwemidlalo.”
USingh uvike ngendaba yamaholo uma ebuzwa ngokunika umdlali ithuba lokuzibonakalisa eqenjini elimbolekisile.
“Kumqoka kodwa ukubalula ukuthi lapha kusuke kuvumelane izinhlangothi ezimbili. Ezingxoxweni kuba nanendaba yamaholo, ukuthi umdlali uzoholelwa yiliphi iqembu. Kungani-ke kumele sikhokhele umdlali kodwa bese ezodlala abhekane nathi?” kusho uSingh.
ISundowns ivikela izicoco ezintathu kule sizini kanti iligi isiyinqobe kahlanu kulandelana kusuka ngo-2018.