UMDLALI wasesiswini kwiTS Galaxy, uLindokuhle Mbatha, ukholwa wukuthi ikhona indebe asengayizuza neqembu lakhe. Ubona iThe Rockers kuyilona qembu lokugcina azogijima kulona esigabeni sebhola elikhokhelayo.
UMbatha (38), ubalwa nabadlali asebemnkantshubomvu eqenjini, okuhlanganisa nozakwabo uVuyo Mere, oneminyaka engu-39.
IGalaxy emangaze abaningi iwashisa ijezi iMamelodi Sundowns kowe-Last 16 yeCarling Black Label Knockout, ngeSonto ngo-8 ebusuku izobhekana neSekhukhune United kowama-quarterfinal, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Lo mdlalo uzofana nowempindamshaye ngoba iGalaxy isanda kuguqisa iSekhukhune ngo 2-0 ngeledlule koweDStv Premiership.
“Ngikholwa wukuthi ngalesi sikwati esinaso njengamanje kuleli qembu sizokwazi ukuzuza enye yezindebe kule sizini, okubalwa yona le esiyidlalelayo njengamanje yeBlack Label Knockout. Imidlalo yomkhumulajezi ayifani neyeligi futhi nendlela yokuyilungiselela ayifani. Kweyomkhumulajezi niwina umdlalo owodwa nidlulele esigabeni esilandelayo, niphinde nilwele ukwedlulela kwesinye esilandelayo futhi nigcine nizithola senidlala kowamanqamu.
“Namaqembu athathwa njengamancane ayafinyelela kowamanqamu njengoba iSekhukhune yenzile ngesizini edlule kwiNedbank Cup, yakwenza neMarumo (Gallants) ngesizini eyandulela edlule (eka-2021/22). Ngakho nathi singakwenza lokho kule ndebe,” kusho uMbatha, odabuka eNaas Farm, eNewcastle.
UMbatha oyisikhwishiskhwishi somdlali wasesiswini, usho kanjena nje useke wayiphakamisa indebe yeTelkom Knockout, manje eseyaziwa ngeleBlack Label Knockout, ngesizini ka-2012/2013 esagijima kwiPlatinum Stars engasekho.
Akagcinanga ngokuphakamisa iTelkom Knockout ngaleyo sizini, njengoba waphakamisa neyeMTN 8.
“Kule minyaka yobudala engikuyona njengamanje, kuyisifiso sami esikhulu ukuthi ngiphakamise noma eyodwa indebe neqembu iGalaxy engilithatha “njengelokugcina” (esho sakuncokola) kimi esigabeni sebhola elikhokhelayo ngaphambi kokuba amakhokho ngiwagaxe emgibeni,“ kusonga uLindokuhle.