ULUPHENDULE ihlaya uMabhuti Khenyeza ongumqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uhlelo okuqokwa ngalo abadlali abavelele kwiCarling Black Label Knockout.
Umdlali wosuku uqokwa ngabalandeli ngokuthi bamvotele. Ube eseklonyeliswa ngesheke lika-R100 000.
Ngesikhathi kuqala lo mqhudelwano emasontweni edlule kube nokungenami kwabaningi ngalolu hlelo.
Okuqaphelekile ukuthi abalandeli bebevotela abadlali ababathandayo, hhayi abadlale ingcwenga yebhola.
Okunye okubukeka kugqugquzela lo mkhuba ukuthi umlandeli ovote kaningi uzibeka ethubeni lokuziwinela ijezi lomdlali asuke emvotelile.
Nabaqeqeshi abaningi abakufihlanga ukungenami ngalolu hlelo.
Emdlalweni i-Arrows eshaye kuwo iCape Town City ngo-3-1, kukhethwe uKhanyisa Mayo wamaCitizens nakuba engadlalanga into etheni.
Kubuzwa uKhenyeza ngalolu hlelo uvele wafa insini, wathi ngelinye ilanga abalandeli bazovotela unompempe.
"Engikubonile ukuthi noma umdlali ubezimele ubevotelwa njengomdlali ovelele. Obezihambela nobemamatheka ubegixabezwa ngo-R100 000. Mhlawumbe ngelinye ilanga ngeke sibe naye umdlali ovelele ngenxa yokuthi abalandeli bazobe bediniwe, bazoqoma ukungavoti.
"Mhlawumbe uma kwenzeka owomanqamu ugcina udlalwa yila maqembu okuthiwa mancane ngeke nakhona ngimangale uma abalandeli benquma ukungavoti," kubeka uKhenyeza efa insini.
Uqhube wathi: "Emdlalweni esishaye kuwo iCity kuqokwe uMayo obezihambela. Kusho ukuthi nami ngelinye ilanga ngingawunqoba lo mklomelo.“
Okugqame enkulumweni kaKaitano Tembo weRichards Bay FC, Lehlohonolo Seema, wePolokwane City nompathi we-TS Galaxy, uTim Sukazi, ukuthi lolu hlelo luvuna abadlali abadumile, ikakhulukazi laba abadlalela amaqembu athathwa njengamakhulu.
Emdlalweni onqotshwe ngo 2-1 kwiMoroka Swallows, kuqokwe u-Andile Jali weZinyoni. Iningi likholelwa ekutheni bekumele lo mklomelo unikwe uYanela Mbuthuma obewuhlupho kwizitobha zeqembu likaSteve Komphela.
KowePolokwane eshaye kuwo ngo-4-1 iSuperSport United kuqokwe uNdumiso Mabhena.
Nakuba lo mdlali engoweqembu elinqobile kodwa iningi lithe bekumele unikwe uzakwabo, uHlayisi Chauke oshaye amagoli amabili. Likholelwa ukuthi uMabhena uklonyeliswe ngenxa yodumo azakhele lona emaqenjini amakhulu.