Chippa United (1) 1
Sekhukhune United (2) 2
ICHIPPA United isisele nemidlalo emine emqoka yokuhlenga igunya layo lokudlala esigabeni esikhulu sebhola laseNingizimu Afrika kulandela ukukhishwa kwayo iSekhukhune United kwiNedbank Cup ngeSonto eNelson Mandela Bay Stadium.
Ukukhishwa kwiNedbank kweChilli Boys esendaweni ka-15 kwi-log yeDStv Premiership, kuyishiya nemidlalo emine okufanele isuke ngayo kule ndawo embi.
Kucace ngomzuzu wokuqala ukuthi iChippa izothwala kanzima kwazise igoli lokuqala lomdlalo lingene bengakalithinti abadlali beqembu lasekhaya.
Lokhu kulandelwe ukulimala komdlali wayo uKhanyisa Mayo ngomzuzu wesibili kulandela ukuklunyuka edolweni.
U-Elias Mokwana uyena lo ovule inkundla ngegoli elilandelwe ngamanye amathuba amningi ngemizuzu yokuqala.
ISekhukhune ayizange iwasebenzise lawo mathuba ebiwakha emuva kwegoli, kwadlalwa kwaze kwafikwa emzuzwini ka-17 lapho, u-Etiose Igodaro, elinganisele iChippa ngekhanda kade kuyikhona.
Ngesikhathi sekubukeka sengathi iChippa isiyabuya emdlalweni, uChibuike Ohizu, obengamakiwe ubeke izivakashi ebuhleni okwesibili esiwombeni sokuqala ngokungqofela enethni igoli ngomzuzu ka-43.
Kube iChippa ebuya ngomfutho ongcono esiwombeni sesibili kodwa ubungozi beSekhukhune bebulokhu buvele njalo ngawayo amathuba, yize ebesehlile ngokwesibalo kulesi siwombe.
Ngesikhathi sekhefu umqeqeshi weChippa obambile, uSiya Gwambi, ukhiphe uMeshack Maphangule olimale sekuyophela isiwombe sokuqala wafaka u-Andile Mbenyane.
Zicacise ngokushesha nokho izinguquko zeChippa ngoba yiyona ebisidlala iya phambili ngesikhahti esifanayo, iSekhukhune ilokhu ihlehle nyova.
Lokhu kufakazelwa ukuthi izivakashi zikhiphe umgadli, uVictor Letsoalo, kusasele imizuzu engaphezulu kwengu-25 ukuthi umdlalo uphele, zafaka isitobha uTresor Tshibwabwa.
Obese kucacile lapha ukuthi uBrendon Truter opheka iSekhukhune ubesanele ngamagoli abesebewashayile kodwa esethembele ekuyibambeni ngejubane iChippa ebisisuke yonke emuva ngenhloso yokuthola igoli lokulinganisa.
Kugcine kumsebenzele lo mqeqeshi ngoba iqembu lakhe lisesigqokweni ladlulela kweyandulela eyamanqamu yalo mqhudelwano ohamba nesheke lika-R7 million negunya lokumela iPremier Soccer League (PSL), kwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo.