SIVUKE ngesikhwishikhwishi somdlali iSekhukhune United, sisayinisa uLebohang Mabotja (31) obegijima kwiMarumo Gallants.
Lo mdlali oyibamba emuva ohlangothini lwesinxele ungomunye wabadlali abawu-16 abachithwe yiMarumo.
Laba badlali ngo-Abram Ngcobo, Ayanda Nkili, Celimpilo Ngema, Judas Moseamedi, Katlego Otladisa, Maboke Matlakala, Mahlatse Makudubela, Mpho Mvelase, Poppo Molangoane, Pule Maraisane,Sibusiso Sibeko, Sibusiso Kumalo, Sizwe Mdlinzo, Tshepo Gumede noYidah Sven.
Abanye balaba badlali bashiye ngenxa yezembe.
Abanye bese kuphele izinkontileka kuhlanganisa naye uMabotja.
Ngokuthola kwaleli phephandaba lo mdlali usayine kwiSekhukhune unyaka owodwa ohambisana nombandela wokuvuselela ngesizini eyodwa.
Ngokusho komthombo leli qembu elicijwa nguBrandon Truter, liphuce emlonyeni lo mdlali i-Orlando Pirates neRoyal AM. KweZimnyama kuthiwa ubethandwa kakhulu nguScreamer Tshabalala.
“UMabotja usayine kwiSekhukhune ngesonto eledlule. IPirates neRoyal AM badlale ukucucuza. IRoyal AM ishwebe noma bese iyibeke etafuleni inkontileka,” kubeka umthombo.
Nakuba iMarumo idliwe yizembe kodwa uMabotja ulime indima enkulu ekutheni leli qembu liyodlala e-Afrika kumasizini amabili kulandelana.
KwiCaf Confederation Cup iGallants iphume kowandulela owamanqamu. KwiDStv Premiership udlale ewu-28 newu-11 yeConfederation Cup.