Sekhukhune United (1) 2
Orlando Pirates (0) 1
ISekhukhune United iziphindiselele kwi-Orlando Pirates ivulela isibhaxu emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo kusihlwa ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
ISekhukhune ebivele ize kulo mdlalo ingagayelwa mphako, ithelwe ngezibonkolo njengoba ibisinqobe imidlalo emine yePremiership ilandelana ngaphambi kwekhefu leFifa.
Ukungasinisi mahleza kweSekhukhune nokuba magange ngokuwunqoba lo mdlalo ikukhombise zibekwa ngesiwombe sokuqala ngokuhlasela iphindelela, ingayiniki intuba yokuphefumula iPirates.
Empeleni leli bekuyisu ebelivele lishiwo ngumqeqeshi wayo iSekhukhune, uLehlohonolo Seema, ekhuluma nabezindaba ngaphambi kwalo mdalo ukuthi iPirates bazoyidlisela ogageni.
Igoli lokuqala leSekhukhune livalelwe phakathi nguVusumuzi Mncube ngomzuzu ka-32 ngemuva kwebhola abeliphaselwe ngobunyoninco nguLinda Mntambo. Ziye ekhefini iSekhukhune ihamba phambili ngo 1-0.
Nokho, zibuya nje ekhefini iSekhukhune iphinde yakhombisa ukuthi ifuna ukuwunqoba lo mdlalo. UMntambo, obesho ukuyidla luhlaza iPirates kulo mdlalo, uvalele phakathi igoli lesibili leSekhukhune ngomzuzu ka-51 ngemuva kwebhola abeliphaselwe ngu-Elias Mokwana.
Umgadli wePirates ovutha uphondo kulezi zinsuku, uTshegofatso Mabasa, ushayele ezakhe igoli ngomzuzu ka-56.
Yize eZimnyama kuyizona ezithole amathuba amaningana okubhakuzisa inethi ngemizuzu yokugcina kodwa zigcine zihluleke zancama ukuthola elokulinganisa.
Okunye okuqaphelekile esikimini seSekhukhune esiqale umdlalo ukuboshelwa kukaNyiko Mobbie no-Elias Mokwana abebeseqenjini lesizwe iBafana Bafana. IPirates ayibadlalisanga ababuya esikwatini sikaHugo Broos okunguThapelo Xoki, Nkosinathi Sibisi noThabang Monare.
Umphumela walo mdlalo usho ukuziphindiselela kweBabina Noko kwiBucs eyabaphuca iqatha kowamanqamu eNedbank Cup ngesizini edlule, yaphinde yabaguqisa ngo 1-0 kowomlenze wokuqala wakule sizini yePremiership.
Ukunqoba kwaleli qembu laseLimpopo kulo mdlalo kusho ukwenyukela kwalo endaweni yesithathu kwi-log yePremiership okokuqala kule sizini, Ngakolunye uhlangothi kusho ukugudluka kweZimyama esezehlele endaweni yesine zisuka endaweni yesibili. Indawo yePirates ithathwe yiStellenbosch emuva kokuxebula iRoyal AM ngo 3-0.
Isiyonke imidlalo yeDStv Premiership ngoMgqibelo:
Stellenbosch FC 3-0 Royal AM; Cape Town City 0-0 Kaizer Chiefs; Polokwane City 1-0 Chippa United; Golden Arrows 2-1 Richards Bay FC;