ISOUTH African Football Association (Safa) isonga ngokuthi uzolutheza olunenkume ozotholwa enecala lokufuna ukushaya unondweba phakathi kweNjampela neStone Breakers abadlala kwiKZN ABC Motsepe League.
Kusuka ngempelasonto edlule kusabalele ividiyo okubonakala kuyo abadlali beqembu elithile bejaha unompempe besho ukumqeda.
Kuzwakala kuyo omunye ememeza ethi “mshayeni khona ezogcina ukurobha”.
Unompempe ubonakala ebaleka ‘ethi galo yephuka’. Uze asizwe ngothile omvulela isango avimbe abasezithendeni zakhe ukuze aphunyule.
Lo mdlalo obuseNgcedomhlophe Stadium, eMpangeni, ugcine uphele zibambene ngo-2-2.
Uyiswe kule nkundla ngenxa yokuthi iStone Breakers ibingayitholi inkundla eThekwini.
UKwenzakwakhe Ngwenya ongusihlalo weSafa, KwaZulu-Natal, utshele Isolezwe ukuthi la maqembu azovela ngoLwesihlanu phambi kwekomiti leSafa eliqondisa ubugwegwe.
Usihlabe wasihlikiza lesi senzo, obese kungesesithathu kule sizini.
Ugcizelele ukuthi ozotholwa enecala uzogwetshwa kanzima ukwenza ngaye isibonelo.
“Nakuba singakazitholi zonke izinhlangothi mayelana nalolu daba kodwa nathi siyibonile ividiyo kujahwa unompempe. Leya nto ishayisa ngamahloni, yehlisa isithunzi sebhola eNingizimu Afrika neseligi yethu,” kusho uNgwenya.
“Abaxhasi bazoyifaka kanjani imali yabo uma kwenzeka ubuhlathi obunje eligini yethu. Sifuna ukwenza isibonelo ngozotholwa enecala.
“Sizomgweba kabuhlungu ukuze nabanye abasafisa ukwenza lokhu bangakucabangi nakancane.
“Sikhathele yiziqhwaga ezehlisa isithunzi sebhola lakuleli. Amaqembu ayayazi imigudu okumele ayilandele uma engeneme ngendlela unompempe adlalisa ngayo. Besingekho isidingo sokujaha unompempe ngaleya ndlela.”
Njengoba sezihubela sakusha kuphele iligi, izinto sezithanda ukushuba.
Kuwo womabili ama-stream amaqembu asembangweni wesicoco seligi asephume umkhankaso wokuqasha amabhasi alayisha izinkumbi zabalandeli.
Emdlaweni obuphakathi koMsinga neThekwini Coastal nakowoMkhumbane Classic neMilford, eSJ Smith Stadium, eWema, bekugcwele phama engathi ngowamanqamu enkomishi yesigaba esikhulu.
Kowokuqala, uMsinga ubhaxabule ngo 2-0 iCoastal. NoMkhumbane unqobe ngamagoli afanayo kwiMilford.
Kwi-log ye-stream A kuminyene untshumo phezulu. Kuqhwakele iSummerfield Dynamos ebambene neMilford noMkhumbane ngamaphuzu angu-27. Kweyesine kuneBreakers eku-26 emidlalweni engu-12.
Kwi-stream B ziholwa phambili nguMsinga ngamaphuzu angu-27 emidlalweni engu-13.
Isibili yi-GWP Friends ngangu-24 kwengu-12.
Womabili amaqembu lize lashona elayizolo engatholakali ezingcingweni olunye lungangeni, olunye luchiliza ngemiyalezo okomuntu omatasa.