IZIQHATHE nabathandi bebhola iSouth African Football Association (Safa) ibophela abadlali abangaziwa kwiBanyana Banyana edlale owobungani neBotswana eTsakane Stadium, eGoli, izolo ntambama.
Lo mdlalo, obekuhlelwe ukuthi kuvaleliswe ngawo iqembu lakuleli lesizwe lebhola labesifazane njengoba liyodlala eNdebeni yoMhlaba, bekumele uqale ngo-3 ntambama.
Ugcine usuqale ngo-4, elakuleli selidlalisa iqembu elihlanganiswe isigubhukane emuva kokuthi iqembu labadlali abangu-23 eliqokelwe iNdebe yoMhlaba lishaye phansi ngonyawo, lanqaba ukudlala kungakavunyelwana ngemali nenhlangano eyengamele ibhola kuleli, iSafa.
Ngokusho kukamengameli wenhlangano elwela amalungelo abadlali bebhola kuleli, iSouth African Football Players Union (Safpu), uThulaganyo Gaoshubelwe, abeBanyana bayinyathele emsileni kumengameli weSafa, uDanny Jordaan, ngokucela ukuthi kufakwe imibandela yamabhonasi ezinkontilekeni zabo.
"Abadlali beBanyana balwela amalungelo abo. ISafa inqume ukubaxosha ngo-10.30 ekuseni kodwa ngo-12.30 bebekulungele ukuyodlala. Inkinga ukuthi iSafa iyala ukufaka udaba lwemali ezinkontilekeni," usho kanje uGaoshubelwe.
"Kumele silwe kanye nabo. Sesixhumene noNgqongqoshe (wezeMidlalo, uZizi Kodwa), sambikela ngalolu daba. Kumele singalamukeli leli qembu eliqokwe nguDanny Jordaan ukuthi lidlale neBotswana."
Kwenzeka lokhu nje inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni, iFifa, ikhiphe isitatimende ngenyanga edlule iqinisekisa ukuthi umdlali ngamunye weBanyana uzothola imali engu-30 000 USD (R560 000) ngokudlala kweyamaqoqo eNdebe yoMhlaba.
Lesi samba sizokhuphuka uma leli qembu lidlulela kweyomkhumulajezi. ISafa izothola okungenani u-1 560 000 USD (R29 million).
Imizamo yokuthola incazelo yokushintshwa kweqembu kwiSafa ayiphumelelanga njengoba abaxhumanisi bayo nabezindaba bebengazibambi izingcingo futhi bengayiphenduli imilayezo.