ISOUTH African Football Association (Safa) inqumele inhlangano yezokusakaza kuleli i-SABC ugwayi katiki ngokuthi uma ingashintshi ukwenza kuzophela okubahlanganisile.
Kusukela iSafa neSABC besayine inkontileka yeminyaka emine ngo-2019, le nhlangano eyengamele ibhola kuleli ibilindele ukuthola isamba esikhulu semali obekuzolandelwa ukuthi yonke imidlalo yamaqembu esizwe kusukela emazingeni aphansi kuze kufike kwiBafana Bafana, ikhonjiswe bukhoma kuSABC 1, 2 no-3.
Kuvelile-ke nokho ukuthi i-SABC ihluleke yancama ukugcina olwayo uhlangothi okuqale ngokuthi u-R110 million wesivumelwano unqanyulwe ube u-R25 million.
Akuyihleli kahle futhi iSafa ukuthi eminye yemidlalo yayo emqoka ikhonjiswa ezinkundleni zokuxhumana zeSABC hhayi kwithelevishini.
Lokhu kugcine kuyimpintshela ekhoneni iSafa ngokwemali njengoba isanda kumemezela ukuthi ilahlekelwe u-R2.9 million ngo-2022.
ISafa ivumile ukuthi izohlala phansi neSABC ngaphambi kokuphela kwenkontileka ngoSepthemba yize ingazange iphumele obala ngokuthi izovuselela noma cha.
Umthombo osondelene ne-Independent Media uyihlebele ukuthi iSafa isikulungele ukuqoma kwiSuperSport ekade yaqala ifuna igunya lokukhombisa iBafana ngoba i-SABC inezinkinga ezingapheli.
Akufihliwe ukuthi i-Afrika yonke ososeshini bahlomula lukhulu ngamagunya okukhombisa imidlalo yeqembu lesizwe kodwa lokhu akwenzeki kwiSafa emelwe ukuqhamuka namaqhinga okufaka imali kulo soseshini.
Emhlanganweni ongukhukhulelangoqo oba minyaka yonke obungempelasono, uTebogo Motlanthe, oyisikhulu esiphezulu kwiSafa uthe, sebevele sebeqalile ukukhuluma.
“Bekukhona noBeauty (Dlulane), woMnyango wezeMidlalo kuzwelonke emhlanganweni wethu wangempelasonto wathembisa ukuthi uzokwenza konke okusemandleni ukudlulisela indaba yokukhonjiswa kwemidlalo yeBafana eMnyangweni,” kusho uMotlanthe.
“Okwenze wasukumela phezulu naye ukuthi izibalo zikhomba ukuthi siyaxega ngasekwenzeni imali siwusoseshini.
“Cishe bonke ososeshini banendlela yokwenza imali ngamagunya okukhonjiswa kwemidlalo yeqembu lesizwe kodwa hhayi thina,” kuqhuba yena.
Nakuba i-Icasa ( Independent Communications Authority of South Africa) ikukhuthaza ukuthi amaqembu esizwe akhonjiswe kwithelevishini engakhokhelwa kodwa neSafa imelwe ukwenza imali.
“Siyazi ukuthi kunemigudu okufanele ilandelwe nalokhu okukhuthazwa i-Icasa kuhle kodwa kukhona lapho kufanele sicaciselane khona.
“Uma kukhona osithembisa imali ngokuveza imidlalo yethu ezinkundleni zokuxhumana (streaming) kufanele sikubheke lokho ngoba iyona engekho.
“Uma ithelevishini ekhokhelwayo ikhombisa intshisekelo kwesinakho kufanele singakuzibi lokho. Ngalokhu asisho ukuthi sesifuna ukuhlukanisa ne-SABC kepha siyivula amehlo ngezinkinga esibhekene nazo. Kukuyona-ke ukuthi ithini,” kuphetha uMotlanthe.
Yize uNgqonggqoshe omusha wezeMidlalo kuzwelonke, uZizi Kodwa, naye ehamba kokushiwo i-Icasa kodwa izinkulumo zakamuva zeSafa zikhomba ukuthi ingase ipheshukelwe i-SABC.
Ihhovisi likaKodwa alizange liyiphendule imizuzo ye-Independent Media lizeseka ngokuthi lisazoxhumana nabathinteka ngqo kuqala ngaphambi kokuphendula.