SIBUSISO MDLALOSE
KUBUKEKA sekuqala ukuntwela ezansi kwiSouth African Football Association (Safa) ngokuphuma umkhankaso wokuhlwaya bonke abadlali abancane abadlalela amaqembu amakhulu phesheya kwezilwandle.
Leli bekuyivangeli ebese kuneminyaka lishunyayelwa ngokuthi ukuze kuqine iBafana Bafana kumele kuphunye umkhankaso wokufuna bonke abadlali abahambe kuleli bebancane noma abazalwe besemazweni aphesheya kwezilwandle kodwa abazali babo kungabendabuko eNingizimu Afrika.
Ukuzwakala kokuhlatshwa kwekhwela kwenzeke ngesikhathi uDancan Crowie, oqeqesha iqembu amaJimbos ememezela iqembu lakhe elithakwe kakhulu ngabadlali abadlala phesheya kwezilwandle.
Umdlali ofike wadonsa amehlo wukumenyezwa kwegama likakaputeni weqembu le-U/17 leLiverpool, uGabriano Shelton, obese kunesikhathi engqongqoza ethi ufuna ukudlalela elakuleli ngoba laphaya kwelikaKing Charles, ebona amathuba efiphele.
Lo mdlali uzoba yingxenye yabadlali abazohlangana benze amalungiselo eCaf 2023 U/17 Africa Cup of Nations. Leli yiqembu lesikhashana labadlali abawu-30. Kubo abadlali okuzobunjwa ngabo iqembu le-U/17
Lo mqhudelwano uzodlalwa e-Algeria, ngo-Ephreli 29 kuya kuMeyi 19. Uyisango lokuzibekisela indawo kwiFifa World Cup , ezodlalwa ePeru, ngoNovemba 10 kuya kuDisemba 2.
UShelton odabuka e-East London, e-Eastern Cape, udlala emuva kwesokudla nasesiswini. Ubizwa nje bese kuphele izinyanga ezimbalwa azicelela yena kumqeqeshi waMajimbos, uCrowie nephini lakhe u-Aaron Mokoena ukuthi bambize kuleli qembu lesizwe lamabhungwana.
Ngaphandle kukaShelton, lesi sikwati sesikhashana sikaCrowie sigabe ngabanye abadlali abayisishiyagalombili abasemaqenjini ase-Europe naseNorth America.
Kubona kubalwa uKyle Jansen (Atlanta United, USA), Waylen Renecke (Norwich City, England), Bonginkosi Phala (Getafe, Spain), Thato Mojanang (Feyenoord, Holland), Michael Dokumnu (Vitesse, Holland), Aaron Sloch (Rydell Nordjaelland, Denmark), noLucas Jetten (Ajax Amsterdam, Holland).
Kwenzeka lokhu nje, iyanda imvunge yokuthi amaqembu esizwe akuleli kufanele ababize abadlali bakuleli abazinze emaqenjini ase-Europe nase-USA ngenxa yezinga lamaligi ebhola abadlala kuwona.
Amajimbos aqhathwe neNigeria, Morocco neZambia kwiGroup B ye-Afcon U/17.
Leli qembu lizohlangana ekhempini ngo-Ephreli, okuyilapho uCrowie ezohlunga khona isikwati sokugcina esizomenyezelwa ngo-Ephreli 15.