SITHEMBISO MKHIZE
IROYAL AM iqhubekile nokuzichanasela ekhanda lomkhaya wayo, iLamontville Golden Arrows iyiwashisa ijezi ngo-3-1 koweLast 16 Nedbank Cup, izolo, ePrincess Magogo Stadium.
Elokuqala lishaywe uRicardo Nascimento kade kuyiphenathi engene ngomzuzu ka-33. Idaleke kushayisana unozinti waBafana Be'sthende, uSiyabonga Mbatha noShaune Mogaila. Elokulinganisa le Arrows lishaywe uKnox Mutizwa, sekungasalindele muntu njengoba umdlalo bese uphelile. Empeleni unompempe ubese efake esakhe isikhathi esengeziwe.
Kuchwaze inkundla yonke uMutizwa eshaya leli goli. Esiwombeni sesibili se-extra-time nakhona kungasalindele muntu njengoba bekuhlasela kakhulu i-Arrows, kuqhamuke uLevy Mashiane, abesuka ebhentshini walishiya phakathi. Kuthe sesizophela waphinde wabuya nelinye.
IThwihli Thwahla yenze ushintsho lwabadlali abathathu kwiqembu elinqobe ngo-2-0 kodlule kwiSekhukhune United. Ize yashintsha nonozinti uPatrick Nyame, yafaka uXolani Ngcobo obala ukhasha ezintini zakhe.
I-Arrows yenze ushintsho lwabane esikwatini esishaywe yiSuperSport United ngo-2-1 koweligi. Bekuwumdlalo wesithathu kulandelana ezikaJohn Maduka zizichanasela emakhanda likaVusumuzi " Kanu" Vilakazi noMabhuti Khenyeza.
Nasemilenzeni yomibili yeDStv Premiership zizigwazele ibhece. Kuqinisiwe ukuthi uma wenza amaphutha kunobhutshuzwayo uyajezeswa. Kumele i-Arrows izisole yona njengoba iyeke inqwaba yamathuba.
Empeleni ukube kuwo wonke umdlalo igijime njengasesiwombeni sesibili beyingeke iye esikhathini esingeziwe, beyizonqoba ngamagoli amaningi.
Nakuba i-Arrows idliwe kodwa kufanele ukube izitobha zeThwihli Thwahla azifuni nokulizwa igama likaPule Mmodi, uMutizwa noNtsako Makhubela abebeyiphela endlebeni ngisho sekuyisikhathi esengeziwe.
Ukube unozinto weRoyal, uNgcobo ubelele ngabe ezakhe zishaywe ngenqwaba yamagoli. Okunye okuqaphelekile wukuthi nokungena kukaNduduzo Sibiya noRyan Moon kucishe kwabasebenzela oVilakazi noKhenyeza.
Njengoba iRoyal AM seyingene kuma-qaurter final eNedbank Cup akubuzwa ukuthi abalandeli bayo bathandazela ukuthi ihambe ibanga elide uma kuqhathaniswa nomqhudelwano wanyakenye.
Ifinyelele kowandulela owamanqamu yase iwashiswa ijezi iMamelodi Sundowns egcine iyizingqwele.
Abalandeli beRoyal bazothandazela iqembu labo libe ngelokuqala ukuqeda ishobolo lawaKwaZulu-Natal ukuhluleka ukunqoba iNedbank Cup selokhu yasungulwa eminyakeni ewu-52 eyedlule.
I-Arrows yagcina ukwenza kahle kulo mqhudelwano ngesizini ka-2016-17 nakweka-2018-19 ifinyelela kweyandulela eyamanqamu.
EzikaShauwn " Mamkhize" Mkhize zizoya koweSundowns ngoLwesibili, eLoftus Versfeld Stadium, zihambela phezulu. NgoLwesihlanu i-Arrows izobhekana neSwallows, eDobsonville Stadium.