IROYAL AM ibuyisele kwamhlaba iCape Town City ebikade ivulela isibhaxu kwiDStv Diski Challenge selokhu kuqale isizini ka-2022/2023.
ICity yehlulwe okokuqala kule sizini ngesikhathi ithelwa ngehlazo lika 4-1 yiThwihli-Thwahla encane, emdlalweni obuseMpumalanga Stadium, eHammarsdale, ngempelasonto edlule.
Ngaphambi kwalo mdlalo, iCity kade iyiwine yonke imidlalo eyisithupha kwiligi. Ngaphambi komdlalo wangempelasonto edlule, iRoyal AM kade isawine kanye.
Umqeqeshi wayo uSazi Ngubane uthe libasebenzele iqhinga abalihlanganisile lokudla iCity.
"Ngibatshelile abafana ukuthi ngifuna siyishaye iCity ukuze wonke amaqembu ezokwazi ukuthi engawina yonke indawo kodwa iyeza iRoyal AM. Sihlale phansi sayicubungula indlela edlala ngayo nokuthi yibaphi abadlali abenza iqembu lonke lidlale.
“Iqhinga lokudla iCity silisebenze isonto lonke, abadlali bakuqonda okufanele bakwenze enkundleni. Bekudingeka esiswini sihlale kubadlali abaphakela abadlala ezinhlangothini okuyibona abayingozi. Amaqembu aseKapa ngiyawazi ukuthi adlala kanjani. Kuyangisiza ukuthi nami ngalidlala ibhola," kusho uNgubane oseke waqeqesha enkulisa yaMaZulu.
Nakuba iRoyal AM ingakayiwini imidlalo eminingi esayidlalile kodwa icosha amaphuzu abalulekile emaqenjini amakhulu. Emidlalweni emine edlale kuyona ngokulingana kukhona noweMamelodi Sundowns ekuhambeni noweStellenbosch FC engompetha bangesizini edlule. Ngempelasonto ezayo izobhekana neKaizer Chiefs eThekwini.
"Esikuhlosile kule sizini wukuqeda kwi-Top 8 ukuze sidlale emqhudelwaneni iDStv Diski Shield. Uma izinto zihamba kahle siyafuna nokushisisa umbango wesicoco seligi. Uma siyiwina kuyoba yibhonasi. Sinalo ithuba uma siqhubeka nokudlala kahle," kusho uNgubane.
Ngaphansi kwesandla sikaNgubane eqenjini leDiski, sekuphume abadlali asebeyibamba kwiDStv Premiership okukhona kubona uMfundo Thikazi, Siphesihle Msomi, Khulekani Shezi nabanye.
Imiphumela yemidlalo yeDStv Diski Challenge:
Marumo Gallants 3-1 Swallows; Royal AM 4-1 Cape Town City; Golden Arrows 3-2 Chippa United; SuperSport United 1-1 Orlando Pirates; TS Galaxy 1-2 Sekhukhune United; Maritzburg United 4-2 Richards Bay; AmaZulu - Stellenbosch; Mamelodi Sundowns - Kaizer Chiefs