OMUNYE wabaqeqeshi beRoyal AM, u-Abram Nteo, ufunge wagomela ukuthi ngeke bazehlise isithunzi ngokubuyisela kwiTP Mazembe ebaphathe kabi ekuhambeni ngesikhathi beyodlala owomlenze wokuqala wesigaba sokugcina ngaphambi kweyamaqoqo yeCaf Confederation Cup.
IRoyal AM, elandela ngemuva ngo-2-0 eshaywe ngawo kowomlenze wokuqala eLubumbashi, eDemocratic Republic of Congo (DRC), ngesonto eledlule, izokwamukela iMazembe kowomlenze wesibili kusasa ngo-7 ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Ngemuva komdlalo obungoLwesithathu oludlule, umengameli weRoyal AM, uShauwn Mkhize, ubhale indaba ende emakhasini akhe ahlukene ezinkundla zokuxhumana, lapho ebenaba khona ngempatho ayichaze njengethusayo abayithole kwiMazembe eCongo.
UMaMakhize, uveze ukuthi abalandeli beMazembe bahlukumeze unozinti wakhe baze bamklinya kodwa lutho ukungenelela kwabebephethe umdlalo.
Lokhu kuqinisekiswe uNteo izolo eMoses Mabhida lapho leli qembu beliziqeqeshela khona.
Ebuzwa Isolezwe uNteo ukuthi zikhona yini izinhlelo abanazo zokubuyisela indlela iMazembe ebaphathe ngayo ekuhambeni, uthe ngeke nangengozi behlise isithunzi seRoyal AM ngokwenza lokho.
“Ngeke ngikufihle ukuthi indlela ebesiphethwe ngayo ayamukelekile kodwa ngeke sizehlise isithunzi ngokuphindisela okubi ngokubi,” kusho yena.
“Asihambisani nokuphathwa kabi kukanoma ubani emdlalweni webhola ngoba lokho akunayo indawo emdlalweni wethu esiwuthandayo.
“Ngiyavuma ukuthi izikhulu eziphethe ibhola laseNingizimu Afrika kufanele ziyifakele izibuko indaba yala maqembu aseze aduma ngokuhlohloloza amanye uma ezodlala nawo kodwa thina ngeke sikwenze lokho.
“Akuyona iRoyal AM iqembu lokuqala elikhala ngento efanayo yenziwa yiqembu elifanayo.
“Simelwe ukujabulisa abalandeli kanjalo nokuba yisibonelo emphakathini ngakho-ke ngeke senze okubi kwiMazembe ngenhloso yokuphindisela kepha sihlele ukubehlula ngamagoli,” kusho yena.
IThwihli Thwahla idinga ukushaya amagoli angaphezulu kwamabili ukwehlula iMazembe ukuze izibekisele indawo kweyamaqoqo eConfederation Cup.
“Udlame asihambisani nalo. Asizona izihonga, thina siwina enkundleni ngakho ngiyacela ngisho kubalandeli bethu ukuthi bangakufaki emqondweni ukuthi iMazembe yenzeni kithina eCongo,” kuphetha uNteo.
Eminye imidlalo yomlenze wesibili yesigaba sokugcina ngaphambi kweyamaqoqo ethinta iNingizimu Afrika ihlanganisa iMarumo Gallants esekhaya kodwa ilandela ngo-1-0 kwi-Al Ahly Tripoli yaseLibya.
ICape Town City, ebambane ne-USM Alger ngo-0-0 kowomlenze wokuqala eKapa ngeledlule, ise-Algeria emdlalweni oqala ngo-7 ebusuku.