UKUSABALALA kwemidlalo yeDStv Premiership ngoDisemba 30 no-31 (okusuyizinsuku ezaziwa njengeziphithizelayo ngenxa yezinhlelo zokugubha usuku lukaNcibijane), kukodwa kuyizinkomba zokuthi u-2022 uyohlala ukhunjulwa njengomunye weminyaka eyayehlukile emlandweni webhola laseNingizimu Afrika.
Ukususwa kweNdebe yoMhlaba maphakathi nonyaka ibekwe ngasekupheleni kwawo ngenxa yesimo sezulu esisuke singabekezeleki ngoJuni eQatar, kuholele ekutheni amaligi omhlaba okubalwa kuwona nePremier Soccer League (PSL), amise phakathi amasizini awo.
Lokhu kuphambana kohlelo olujwayelekile, kuzale iCarling Black Label Cup edlalwe ngoNovemba, osekungumlando ukuthi inqotshwe yiMamelodi Sundowns. Lo mqhudelwano ubuzodlalwa kulo nyaka kuphela.
IPSL igcine ibatholile abaxhasi abazovala isikhala seTelkom Knockout, usihlalo wayo, u-Irvin Khoza, umemezele ngoJulayi ukuthi iCarling Knockout Cup ezoqala ngonyaka ozayo iyona okuzobuya ngayo lo mqhudelwano. Kuwona lo nyaka kubonakale ukuvulelwa kwabalandeli ezinkundleni, abebengavumelekile kusukeka ngo-2020 kuqala iCovid-19.
Mamelodi Sundowns:
Noma izinto ziphazamisekile kwiPSL, iSundowns ikwazile ukuqhubeka nokujabulisa abalandeli bayo.
ISundowns idle isicoco sayo seDStv Premiership sesihlanu kulandelana ngoMeyi ka-2022 ewuqale ngokuqinisa isikwati ngoJanuwari, ngomunye wabadlali okuthiwa bamba eqolo cishe ukubedlula bonke eNingizimu Afrika, uTebogo Mokoena, obesuka kwiSuperSport United.
Leli qembu laseChloorkop lengeze nangesicoco seNedbank Cup kulo nyaka walo wokuphula amarekhodi.
Umgadli weSundowns, uPeter Shalulile, ushanelile emiklomelweni yokuphela kwesizini ebingoJuni.
UShalulile ube yi-PSL Footballer of The Season ne-PSL Players Player of The Season kanti uthathe nomklomelo womshayimagoli ovelele, evalela awu-23 kwiligi. URhulani Mokwena noManqoba Mngqithi banqobe owomqeqeshi ovelele.
Amacala e-PSL:
I-PSL iqale u-2022 inenkinga yecala elibucayi ebelithinta iKaizer Chiefs nemidlalo engazange iyidlale ngoba ikhala ngokuhaqwa yiCovid-19 ekhempini. Leli ngelinye ebelisematheni kulo nyaka.
Sekungumlando ukuthi i-PSL ibuyise, uZola Majavu, ngoJanuwari ukuba azosebenza njengomshushisi.
Ebezongena endaweni kaNande Beker, ongasekho, obesule kulesi sikhundla ngoNovemba ka-2021.
UMajavu ufike wathembisa ukuwasebenza ngokushesha nangesinono wonke amacala akhona, nangempela waphumelela ukugwema ukuphazamiseka kokuphela kwesizini edlule. Ngemuva komdonsiswano, iChiefs igcinile enkundleni, yadlala neLamontville Golden Arrows neCape Town City. Iligi yakwazi ukusongwa ngesikhathi esifanele. UMajavu uqhubekile nokuyibeka icala ngokwemithetho ye-PSL, yahlawuliswa u-R200 000, kwathiwa ayikhokhe u-50%, enye ingxenye yalengiswa unyaka.
Izinguquko zabaqeqeshi:
IPirates iqashe uJose Riviero, waseSpain. Kulo nyaka lo mqeqeshi, abaningi abebengamethembi, useyifakile ekhabetheni leBucs indebe ye-MTN 8 ayidle kuMaZulu FC ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.
Omakhelwane bayo iChiefs baqinisekise u-Arthur Zwane njengenhloko yabaqeqeshi. Usihlalo weChippa United, uqhubekile nokwenza adume ngazo ekuphekeni ethulula abaqeqeshi. Uqashe uDaine Klate njengenhloko yabaqeqeshi, osekuwumlando ukuthi ngemuva kwemidlalo embalwa umkhombe indlela waqasha imenenja uMorgan Mamilla okuyiwe ekhefini ebambe izintambo.
IRoyal AM, iqale isizini inabaqeqeshi abathathu, uKhabo Zondo, Dan Masilela no-Abram Nteo. Nokho sekusele uZondo noNteo njengoba uMasilela ukhethe ukubuyela kwiMarumo Gallants, abekade eshiye kuyona kuqala isizini.
AmaZulu awasalanga ngaphandle, achithe uBenni McCarthy njengomqeqeshi, aqasha uBrandon Truter okunguyena uqede isizini edlule, waqala lena ka-2022/2023. UTruter naye uxoshiwe ephikwa yimiphumela, Usuthu lwaqasha uRomain Folz, obekade ehlukane neGallants.
UMcCarthy ngemuva kokukhonjwa emaqenjini ahlukene kwi-PSL, uthole amadlelo aluhlaza, waqashwa yiManchester United lapho eyiphini lomqqeqeshi osebenza ukucija abagadli.
ISundowns nayo yenze ezayo izinguquko kubaqeqeshi, idiliza uMngqithi kwesokuba yinhloko yabaqeqeshi, yakhweza uMokwena osenikezwe wonke amandla njengenhloko. UMngqithi ubekwe kwesokuba i-senior coach, ebesiphethwe nguSteve Komphela, yena osethathe lesi sokuba yi-first team coach.
National First Division:
Kwenzeke okungajwayelekile iqembu elikhuphukele esigabeni esikhulu ngokuba umpetha weMotsepe Foundation Championship (ebiyiGladAfrica Championship), iRichards Bay, lisonga unyaka libalwa namathathu aphezulu.
IBay FC engomakoti kwi-DStv Premiership, ifike esigabeni esikhulu yasebenza kusakhanya iqoqa amaphuzu, okwenze kwayiwa ekhefini leNdebe yoMhlaba ihleli endaweni yesibili.
Lishintshe kuwona futhi lo nyaka igama labaxhasi besigaba esiphakela esikhulu njengoba sekuyiMotsepe Foundation Championship.
Kwi-DStv Premiership iBaroka idliwe yizembe, iSwallows yadlala eyokuhlunga namaqembu aqhamuka kwiChampionship, i-University of Pretoria neCape Town All Stars. Izinyoni zikwazile ukuzisindisa ezembeni kule midlalo.
KwiChampionship kubonakale iqembu likaJomo Sono, iJomo Cosmos lidliwa yizembe lehlela kwiSafa Motsepe League, eGuateng.