EMDLALWENI wanamuhla weDStv Premiership neMaritzburg United, abadlali be-Orlando Pirates bazogxila ekulungiseni izinkinga enkundleni kunokugcwalisela owayengumqeqeshi wabo, uFadlu Davids, ozobuyela okokuqala e-Orlando Stadium, kusuka eshiye iqembu.
Lokhu kudalulwe yinjini yeZimanyama, uThabang Monare, ebhekene nombango oshubile wejezi emdlalweni ongo-7.30 ebusuku eSoweto.
“Ngeke ngithi kuzosenzela umsebenzi (wokufunda amaqhinga eMaritzburg) ube lula ngoba nakhu sidlala nobengumqeqeshi wethu,” kusho uMonare.
“Sizibuka thina ngaphakathi eqenjini ngoba inhloso wukuthuthuka nokwenza kangcono. Uma sizonaka eyomqeqeshi sizoshweba ithuba lokubona okufanele sikulungise ngathi ngalolo suku.”
Kulindeleke ukuthi kube wumdlalo wamaqhinga amaningi lona ngoba uDavids uzofika kwiPirates izintambo ziphethwe nguMandla Ncikazi, anomlando omude wokusebenzisana naye.
Lokho kungenxa yokuthi uJose Reveiro, oyinhloko yabaqeqeshi kwiBucs, udonsa isigwebo sekhadi elibomvu akhishwe ngalo ngempelasonto edlule, kowe-Last 32 yeNedbank Cup.
Nokho uMonare ulindele ukuthi uNcikazi noSergio Almenara, babambelele ezimfundisweni zikaReveiro.
“Indlela afuna sidlale ngayo ichazeka kangcono ngokuthi uyifanise nokuhlanganisa izingcezu ze-puzzle, okuthi nxashana zihlangana, kuphume isithombe esihle kakhulu esiphelele. Yilapho kungena khona eyabaqeqeshi abayizincushe ngokukhethekile ezintweni ezahlukene njengomqeqeshi wabagadlali, ngowama-freekick namakhona njalonjalo. Kwenza ukuthi lezi zingcezu zihlangane sezipholishekile,” kusho uMonare.
IPirates iwuqale kahle u-2023 inqoba imidlalo emithathu yeligi ilandelana futhi ibasela namagoli kanti lapho ibinomqeqeshi wabagadli kodwa osanda kushiya isigubhukane kanti kubukeka kuyithuntubeza lokho.
Nokho uMonare uthe basesimeni esihle ngokwemiqondo bengabadlali.
“Siyiqembu eliphilile ngokwemiqondo, sisesimeni esihle futhi sidlalela ekhaya. Siwubheke ngabomvu umdlalo,” kusho uMonare.
IMaritzburg iwadinga ephelele amaphuzu ukubalekela izembe ngoba isendaweni ka-15 ye-log ngamaphuzu angu-21.
Imidlalo yeDStv Premiership ngempelasonto:
Kusasa: Royal AM v SuperSPort eChatsworth Stadium, ngo-3.30pm; Sekhukhune Utd v R’Bay FC ePeter Mokaba Stadium, ngo-5.30pm; AmaZulu v TS Galaxy eMoses Mabhida Stadium, ngo-8pm.
NgeSonto: K’Chiefs v G’Arrows ePeter Mokaba, ngo-3.30pm; CT City v Swallows eCape Town Stadium, ngo-5.30pm.