NAKUBA engeneme umqeqeshi weRoyal AM, uJohn Maduka, ngebhola elidlalwe ezakhe, zicazelana amaphuzu nomkhaya baKwaZulu-Natal, iLamontville Golden Arrows, wethemba ukuthi bazokwenza kahle emdlalweni olandelayo ne-Orlando Pirates.
Ngempelasonto edlule eMpumalanga Stadium, iThwihli Thwihla ibe neshwa umkhonto ugwaza ekhaya ngesiqu sikaZukile Mkhize kusaphele imizuzu ewu-15 kuqale umdlalo. Elokulinganisa layo lishaywe uKhulekani Shezi kubuywa esiwombeni sesebili.
IRoyal AM ilele kweyesi-12, ngamaphuzu awu-29, emidlalweni ewu-23. Kowandulela lo mdlalo, ibishaye iPolokwane City.
Ngemuva komdlalo, uMaduka ubelokhu ekuphinde njalo ukuthi kumele bazisole bona ngokucazelana amaphuzu ne-Arrows.
"Ithina esenze lo mdlalo wanzima. I-Arrows ayidlalanga ibhola elitheni, beyihlale ibheke thina ukuthi sizokwenzenjani. Bekumele siyijezise ngalokhu. Ubuthaka bethu buze baholela ekutheni singenelwe igoli ebesingalivimba kalula. Nakuba bekungekho okutheni obekuza ne-Arrows kodwa silehlisile izinga ikakhulukazi kusanda kuqala umdlalo. Esiwombeni sokuqala bekumele silishaye igoli," kubeka uMaduka.
IRoyal AM izokwamukela iPirates ngeSonto ngo-3 ntambama koweligi eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
Emzuliswaneni wokuqala weDStv Premiership eZimnyama zanqoba ngo 4-2.
UMaduka uthe umdlalo wabo nePirates uzofika bewulindele.
"Into enhle ngalolu hlobo lo mdlalo abadlali baya kuwo begqugquzekile. Sizodlala neqembu elinzima kodwa okuhlale kumnandi ukubhekana nalo.
“IPirates ifuna ukusonga iligi isendaweni yesibili kwi-log. Izohlasela ngazo zonke izikhali. Kuzomele sibe nesihluku, singayivumeli ukukwenza lokho. Ngethemba ukuthi kuzoba umdlalo owehlukile konowe-Arrows. Uma sifuna ukuba yiqembu elihle kumele sibhekane nezingqwele," kubeka uMaduka.
Ukusho wangangabaza ukuthi banawo amathuba okusonga isizini bekwi-Top 8.
"Kule midlalo esisalele sisengakwazi ukusonga emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu. Amaqembu angenhla kuthina asishiya ngamaphuzu amahlanu kuya kweyisithupha. Yebo, kubukeka sisendaweni embi kodwa sisengazijika izinto.“