UD Las Palmas (0) 0
Orlando Pirates (0) 0
IZOBUYA ingazange ishaywe emidlalweni emithathu eyidlale phesheya i-Orlando Pirates. Lokhu kungemva kokuthi iqembu lidlale ngokulingana ngo 0-0 ne-UD Las Palmas, emdlalweni wokugcina ngoLwesithathu emini, obuseBanús Football Centre, eMarbella.
EZimnyama zingene emdlalweni wokugcina sezivele ziyinqobile emibili ngemuva kokuguqisa iMaccabi Tel Aviv yase-Israel, ngo 1-0 ngoLwesine olwedlule, zaphinde zathela phansi i-Independiente del Valle yase-Ecuador, ngo 3-1 ngoMgqibelo.
Bekubhekwe ukuthi mdlalo weLas Palmas kube ngonzima kakhulu ngoba ngesizini ezoqala, leli qembu lizobe ligijima esigabeni esiphezulu saseSpain, iLa Liga. Lokhu kwenzeka ngemuva kokulala isibili esigabeni esibili ngesizini edlule.
Ukuqophisana naleli qembu umdlalo uqala uze uyophela cishe kuzobaqinisa idolo abaqeqeshi, nabalandeli bezikaMagebhula, abebebhekene nezinselelo abangazijwayele kule midlalo.
Umdlalo uqale ngesivinini esihle ngesikhathi womabili amaqembu ekhombisa ukuthi azimisele ngokuhlasela. Nakuba EZimnyama beziliqala kahle ibhola emuva kodwa awekho amathuba atheni eziwakhandile ngoba abadlali bebehluleka ukubonana eduze kwebhokisi, nangaphakathi kwalo.
UMmonapule Saleng, ubekwazi ukusebenzisa ijubane lakhe ukudlula ezitobheni ngasezinhlangothini zombili kodwa kubhede uma sekufanele agobe ibhola athole uKermit Erasmus, noKabelo Dlamini abeqale nabo phambili.
NeLas Palmas ibibonakala ukuthi iyakwazi ukulithunga ibhola esiswini kodwa kwale uma isisondele ngasemapalini njengoba uNkosinathi Sibisi, noTapelo Xoki bebewashanela wonke amabhola abethunyelwa ebhokisini.
Kube ngcono kwezikaJose Riveiro esiwombeni sesibili, ngesikhathi sekungena uZakhele Lepasa, ngoba ubekwazi ukuphuma isikhala ngemuva kwezitobha zeLas Palmas. Lo mgadli osanda kubuya ekubolekisweni kwiSuperSport United, uke walibeka enethini ngomzuzu ka-59 kodwa kwathiwa ubesemhlabeni ongafanele.
Ngomzuzu ka-60 uMarc Cardona, naye ubecabanga ukuthi uselibeke phambili iqembu laseSpain, ngemuva kokuphuma phakathi kwezitobha zePirates ngakwesokudla wabe eselishaya phakathi. Nokho nelakhe igoli liphikiwe esolwa ngokusheshe asuke.
Kwale kancane ukuthi uLepasa agcine elitholile igoli elisemthethweni ngomzuzu ka-69, ngemuva kokuthola ibhola elihle ebeliqhamuka emuva kuSandile Mthethwa, wazithola esebhekene nepali kodwa kulokhu ibhola lakhe lachilizwa ngunozinti.
Abanye abadlali abangene enkundleni kwezwakala esiwombeni sesibili benza ukuthi iPirates kube iyona ebuza imibuzo eminingi kube, nguDeon Hotto, obebahudula eqhamuka kwesokunxele aphinde amake, noRelebohile Ratomo obezama ukuhlanganisa iminyakazo eya phambili.
Okunye okugqamile kulolu hambo lwaseSpain, yindlela umdlali wasesiswini uPatrick Maswanganyi, asheshe ngayo ukubonakalisa ukuthi abalandeli bangalindelani kuyena njengoba eshaye igoli eliweze iPirates koweTel Aviv, waphinde washaya elinye bebhekene ne-Independiente.
IPirates izobuyela kuleli lapho izovula khona isizini ka-2023/24 yeDStv Premiership ngo-Agasti 5, ngokubhekana neStellenbosch FC, ekuhambeni.