Disciples FC (0) 0
Orlando Pirates (0) 0
I-ORLANDO Pirates izisondeze notavatava ngokuvumela ukubanjwa i-Disciples FC yase-Madagascar emdlalweni womlenze wokuqala esigabeni sokuqala sokuhlungela eyamaqoqo e-Caf Champions League ngeSonto ntambama, e-National Sports Complex, e-St Pierre.
Lo mdlalo ugijinyelwe enkundleni enotshani bokufakelwa yaseMauritius, kulandela ukufeyiliswa yi-Caf kwazo zonke ezase-Madagascar lapho kudabuka khona i-Disciples.
Ngaphambi komdlalo, bekungelula ukuqagela ukuthi iwona muphi umphumela i-Pirates ezobuya nawo kuleli qembu elingompetha base-Madagascar kwazise bebeqala ukuhlangana emlandweni.
Obekumqoka kakhulu kwi-Pirates bekuwukuqinisekisa ukuthi iqala ngendlela ecacile kwazise impoxo yokuwashiswa ijezi esigabeni sokuhlungela amaqoqo ngesizini edlule, isahleli ekhanda lomqeqshi, uJose Riveiro, yize ezidla ephindelela ezinye izinkomishi.
Ngesikhathi kuqhubeka imidlalo yeligi edlule, uRiveiro ubelokhu ekugcizelele ubumqoka bokubuyela kwi-Champions League ukuze bazolungisa iphutha langasizini edlule, lapho bekhishwe yiJwaneng Galaxy yaseBotswana esigabeni sesibili sokuhlungela amaqoqo.
Phakathi kwezimbangela zalokhu kuphoxeka kunezinsolo zokuba budedengu kuRiveiro osekungumlando ukuthi umdlalo weJwaneng wawuqala ngesikimu esithambile sakulibukeka phansi leli qembu eliqeqeshwa, uMorena Ramoreboli, odabuka eMzansi.
Ingakho kungazange kwethuse ukuthi lo mqeqeshi wase-Spain uwuqale ngesikimu esiqinile owe-Disciples.
Ngaphandle kukaPhillip Ndlondlo noNkosinathi Sibisi, bonke abadlali abaqale umdlalo nabebesebhentshini bebeyingxenye ye-Pirates enqobe kwi-SuperSport United ngo 3-1 kwi-quarter-final ye-MTN8 muva nje.
Isiwombe sokuqala asizange sikhombise ukuthi iPirates ibibhekene nelinye lamaqembu athathwa njengamancane kwangenele i-Chmapions League kule sizini.
Akukho obekukhombisa ukuthi iPirates ibiwuthwele umdlalo esiwombeni sokuqala kodwa okuqaphelekile indlela i-Disciples ebilibamba ngokukhululeka ngayo ibhola ikakhulukazi maphakathi nenkundla.
Nakuba uPatrick Maswanganyi, Relebogile Mofokeng, Deon Hotto noTshegofatso Mabasa, bewuqalile umdlalo kodwa zize zaya ekhefini bedlala ngamathuba kanjalo nabadlali abafana noMonnapule Saleng.
Esiwombeni sesibili ukuzethemba kwi-Disciples bese kuphezulu kwazise izimpawu zokunyukwa inkundla kwiPirates bezisobala. Unozinti weZimnyama, uSipho Chaine ubengasazipholele emapalini njengoba bekwenzeka kwesokuqala.
URiveiro ukhiphe uMofokeng noMakhehleni Makhaula, wafaka, uKabelo Dlamini noThalente Mbatha, ngenhloso yokulungisa isimo obekucacile ukuthi asisihle.
Ngokubona ukuthi akulungi uphinde wakhipha uSaleng noMabasa wafaka, uKarim Kimvuidi no-Evidence Makgopa, nakho okugcine kungazange kusimze.
Ngomzuzu wokugcina i-Disciples iyeke ithuba elilula lokunqoba umdlalo. Lo mphumela ukhomba ukuthi iPirates kumele inqobe kumnyaka kubomvu emlenzeni wesibili ngoLwesihlanu ngo-7 ebusuku, e-Orlando Stadium, eSoweto.