KUVELA ezithi i-Orlando Pirates iqale phansi ukufuna uVeli Mothwa ongunozinti waMaZulu FC.
Ngokusho komthombo weSolezwe, ekupheleni kwale sizini eZimnyama zihlela ukudedela onozinti bazo ababili, uRichard Ofori (29) waseGhana okunemibiko ethi akakayisayini inkontileka entsha ngenxa youngavumelani ngemali.
Omunye okuvela ukuthi uzokhululwa uSiyabonga Mpontshane (36) osavimbe imidlalo eyisithupha kule sizini.
U-Ofori oke wahlushwa kakhulu ukulimala, usavimbe eyishumi yeligi nemithathu yeMTN8.
Umthombo uqhube wathi izikhulu zeZimnyama zikholelwa ekutheni uMothwa uzobambisana kahle noSipho Chaine (26) okhonya ezintini zazo kulezi zinsuku. Usevimbe ewu-12 yeDStv Premiership nemibili yeNedbank Cup.
Selokhu uMothwa aqala ukuqokelwa kwiBafana Bafana kumasizini edlule, ike yavela imibiko yokuthi iPirates iyamfuna.
Ezinyangeni ezedlule kuvele ukuthi uSuthu luvuselele inkontileka yakhe njengoba isizoze iphele kweka-2025/26.
"Empeleni iPirates ayikaze iyeke ukufuna uMothwa. Ngicabanga ukuthi into eyayiphazamisa ukuthi AmaZulu avuselele inkontileka yakhe ngenqwaba yamasizini. Kubukeka iPirates ingasabi ukungena ephaketheni ukuthola lo nozinti," kubeka umthombo.
Isolezwe libuye lathola ukuthi uSuthu lucathamela unozinti weTS Galaxy, uMelusi Buthelezi (25) okuthiwa uzovala isikhala sikaMothwa uma kwenzeka ehamba.
Lo nozinti odabuka eNquthu, ukwabenza kahle kwiDStv Premiership. Lokhu kuzimisela sekuholele ekutheni aqokelwe eqenjini lesizwe.
Umengameli woSuthu, uSandile Zungu uthe iPirates ayikaze ibathinte ngokufuna uMothwa. Uyiphikile neyokuthi bafuna uButhelezi.
"Nakuqala besizwa ngabezindaba ukuthi uMothwa kunamaqembu amfunayo. Kalikho eselike laxhumana nathi. Ngaphandle kwalokho kasimdayisi uMothwa, usanda kuvuselela inkontileka nathi. Ungomunye wabadlali esakhela phezu kwabo amalungiselelo esizini ezayo," kubeka uZungu. UMothwa osedlale ewu-27 kule sizini, ufike ngoDisemba ngo-2020, esuka kwiChippa United.
Ukubadlali abaqophe umlando befaka uSuthu okokuqala kwiCaf Champions League ngesizini ka-2020/21 lusaqeqeshwa uBenni McCarthy osekwiManchester United, e-England.
Selokhu efike kuMaZulu usehlala ebizwa eqenjini lesizwe. Bekunguye ukaputeni ngesikhathi iBafana inqoba iCosafa Cup ngo-2021.
UFloyd Mbele oyisikhulu esiphezulu kwiPirates, uthunyelelwe umyalezo nokufuna uMothwa nangesimo sonozinti kweZimnyama kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicelela engakaphenduli.