UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ubona kule sizini bezongenelwa yisibalo samagoli amancane uma abadlali bakhe basemuva bezoqhubeka nokuba ukhonkolo ababe wuwo bedlala ngokulingana neMamelodi Sundowns ngempelasonto edlule.
Ngemuva kwalo mdlalo womlenze wokuqala owandulela owamanqamu eMTN8, nophele ngeqanda nhlangothi zombili, uRiveiro akawuvalanga umlomo ngokubambisana kwabadlali bakhe basemuva u-Olisa Ndah, Nkosinathi Sibisi no-Innocent Maela. Ngaphandle kwalo mdlalo, kule sizini kubukeka udonga lwasemuva luphenduke idwala.
Emidlalweni eyisishiyagalombili yeDStv Premiership, eZimnyama zisangenelwe amagoli amathathu kuphela. Zisashaye ayisithupha.
"Uma nasemidlalweni yeligi udonga lwethu lungaqhubeka ngale ndlela, mancane kakhulu amagoli kule sizini azosingenela. Vele udonga kumele luqine kanje. Wumsebenzi wawo wonke umuntu ukuthi luqine. Ngaphandle kwabadlali basemuva, uma singaqhubeka nokudlala ngale ndlela sizobanjwa kude. Ngibonga kakhulu kubaqeqeshi engibambisene nabo abenza umsebenzi oncomekayo wokuhlaziya izitha zethu. Siyazama ukubophela abadlali abazonqobisa iqembu," kubeka uRiveiro kwabezindaba ngemuva komdlalo ne’Downs.
Namuhla ngo-5 ntambama, eZimnyama zizovakashela iSekhukhune United, ePeter Mokaba Stadium.
"Imiqondo yethu kuzomele siyikhiphe manje kwiMTN8. Kolandelayo sizodlala neSekhukhune United koweligi. Kuzomele sinqobe noma ikanjani. Sifuna ukulivala igebe phezulu. Sizoya emlenzeni wesibili weMTN8 sesidlale emine yeligi. Lawa amaphuzu awu-12. Kungajabulisa uma singayinqoba yonke. U-Okthoba uzoba inyanga enzima kuwona wonke amaqembu. Kunzima kunjalo, kuzomele siwubambe lo mgqigqo omuhle esidlala ngawo," kuqhuba lo mqeqeshi.
Kwi-log yeDStv Premiership, iSundowns isesicongweni ngamaphuzu awu-19 emidlalweni eyisishiyagalolunye. Ezimnyama zisendaweni yesibili ngamaphuzu awu-14 emidlalweni eyisishiyagalombili. Uma zinqobe kwiSekhukhune lizoba elamaphuzu amabili igebe njengoba amaBrazilians engadlali kwiligi kuleli sonto.
IPirates igcina ukudlala oweligi ishaye iTS Galaxy ngo-2-0.
ISekhukhune siya kulo mdlalo izinto zimapeketwane. Sekuphele imidlalo eyisithupha kulandelana sihluleka ukunqoba. Siye ekhefini le Fifa siphuma ekudlaleni ngokulingana neStellenbosch. Sisendaweni yesibili uma kusukwa emsileni ngamaphuzu ayisikhombisa.