Orlando Pirates 2-1 Cape Town City
ISHUBISE umbango wezindawo ze-Caf Champions League ne-Caf Confederation i-Orlando Pirates yehlula iCape Town City ngo 2-1 kowe-DStv Premiership e-Orlando Stadium, eSoweto izolo ntambama.
Bekukhona ukungalindeli umphumela otheni kulo ngenxa yomlando omude wala maqembu wokucazelana amaphuzu emidlalweni yeligi.
Yize kuyiCity eyibhakuzise kuqala inethi ngegoli elihle likaKhanyisa Mayo, oseqhulwini kwabamataniswa namaqembu aseGauteng ekupheleni kwale sizini, umlando ubusalokhu ulilahle njalo ithemba lokuthi bebengabuyela eKapa benyinyitheka ngamaphuzu.
Lowo mlando okukhulunywa ngawo, ngowokuthi akukaze phakathi kwala maqembu kunqobe elivakashile koweligi.
Igoli likaMayo, omataniswa nezimbangi ezinkulu zePirates, iKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns, lingene ngomzuzu ka-18.
Abengakaqali ukuphakama amaphaphu kweZimnyama, uTerrence Dzvukamanja eshaya elokulinganisa ngomzuzu ka-27.
Yigoli likaMonnapule Saleng ngomzuzu ka-77 kodwa elivuse inhlokomo enkundleni, hhayi kuphela ngoba nalo bekuwuswazi kodwa ngoba libenze abalandeli bayibona isiseduze intambo kulo mdlalo.
Nebala nalo inxele laseNorth West, livele lavuka inja ebomvu emuva kwalokho, nakhona kufanele kwazise bekuyigoli lalo lika-10 leligi kule sizini.
Mane asawakhele ozakwabo uSaleng nokwenza kungangatshazwa ukuthi igama lakhe lizobe likhona kwababanga iPSL Player of the Season ekupheleni kwayo.
IPirates, evala isizini naMaZulu eThekwini ngoMeyi 20, isazobhekana ne-TS Galaxy, Royal AM neSekhukhune United.
Kusekhona nowandulela amanqamu eNedbank Cup neChiefs ngoMeyi 6.
ICity, yona eyiqala neChiefs eSoweto isizini, isazobhekana ne-AM, Lamontville Golden Arrows neRichards Bay FC.
ICity incunze amathuba ayo okubuyela kwi-Caf Confed.