Lamontville Golden Arrows (0) 0
Orlando Pirates (2) 2
I-ORLANDO Pirates iqede ukhondolo ithela phansi iLamontville Golden Arrows ngo 2-0 emdlalweni weDStv Premiership ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoLwesibili ebusuku.
Amagoli ePirates ashaywe nguMonnapule Saleng esiwombeni sokuqala.
IPirates ingene enkundleni ibheke ukucosha amaphuzu agcwele ukuze izokwenyuka kwi-log, ivale igebe phakathi kwayo namaqembu aphezulu. Ngokuwina kwi-Arrows, yenyukele endaweni yesine, yagudluza izimbangi iKaizer Chiefs ezizodlala ngoLwesithathu neTS Galaxy.
Ukubhalwa kwamagoli amabili eduze kwegama lePirates kugcine ngoSepthemba ngesikhathi yehlula i-TS Galaxy ngo 2-0. Elinye igoli lePirates kulo mdlalo weGalaxy kwaba wumkhonto ogwaze ekhaya weGalaxy. Lokhu kusho ukuthi emidlalweni ewu-11yeligi, eZimnyama bezingakwazi ukushaya igoli elingaphezulu kwelilodwa.
Phezu kokuba iPirates iphumelele ukushaya amagoli amabili okokuqala koweligi kule sizini kodwa luqhubekile ukhondolo lokwehluleka ukushaya igoli esiwombeni sesibili. Nokunqoba ezikaJose Riveiro bezikudinga njengoba bese zihluleke wukunqoba emidlalweni emithathu edlule yeligi.
Enkundleni kowe-Arrows, iPirates izikhombise zibekwa izinhloso zokufuna ukushaya igoli ngesikhathi ishodi likaNdabayithethwa Ndlondlo lishaya ipali libuyela enkundleni ngomzuzu wesibili.
Emuva kwalokho, ibuye iphindelela emapalini e-Arrows. Ngomzuzu wesithupha, uSaleng ushayele iPirates igoli ngemuva kokuthi i-Arrows ihlulekile ukumaka ebhokisini. IPirates iqhubekile nokuhlasela kodwa izinto zingayivumi. Kubuye yena uSaleng ngomzuzu ka-24 waliqobela phakathi ibhola aligingqelwe nguKermit Erasmus ebhokisini.
Ithuba elicacile le-Arrows lokushaya igoli livele ngomzuzu ka-32 kodwa wenqaba uSiyabonga Mpontshane ezintini zePirates.
Esiwombeni sesibili, i-Arrows ibuye ngomfutho izama ukuthola igoli elizoyibuyisela emdlalweni kodwa ihluleka. Nokho iPirates kade ilokhu ikhombisa ukuba yingozi uma ihlasela. Imizamo ye-Arrows igcine isiphelela odongeni lwasemuva lwePirates.
Emdlalweni olandelayo, iPirates izobhekana neMamelodi Sundowns kowomlenze wesibili owandulela owamanqamu weMTN8 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane. Umlenze wokuqala phakathi kwala maqembu waphela ngo 0-0.
Khonamanjalo, kweminye imidlalo yeligi ngoLwesibili, iSuperSport United izibeke esicongweni se-log ngamaphuzu awu-20, ishaya Stellenbosch FC ngo 2-0 eDanie Craven. Amagoli ashaywe uJamie Webber noBradley Grobler.
IChippa United iguqise iSekhukhune United ngo 1-0 wegoli lika-Etiosa Ighodaro.