UMLANDO womdonsiswano ophakathi kwezikhulu ze-Orlando Pirates neTS Galaxy, wenza kungabikhona ukuncengana enkundleni phakathi kwala maqembu.
Yilokho kanye okuzobe kulindelwe uma esehlangana namuhla ngo-3 ntambama koweDStv Premiership eMbombela Stadium, eNaspoti .
IGalaxy ilwela ukuqeda ishobolo lemidlalo emithathu inganqobi. Igcina ukungena enkundleni ibambane ngo 1-1 neRoyal AM, kanti emuva kwalokho, ibidliwe yinduku kabili kulandelana.
Ngakolunye uhlangothi, iPirates isefomini eshayisa ngovalo ngoba isinqobe imidlalo eyisikhombisa ilandelana. Kanti ayihlalisekile, kuluma amakhwapha ngoba ivivela owomkhaya baseSoweto, neKaizer Chiefs ngelizayo.
Ezinhle nakakhulu kwiPirates, ngezokubuya ekulimaleni kwabadlali abane abazoshubisa umbango wejezi. Labo ngunozinti uRichard Ofori, yizitobha eziyibamba emuva kwesokudla uBandile Shandu noCraig Martin ngokunjalo nomgadli waseCamerooon, uBienvenue Eva Nga.
Kuphinde kubuye noTapelo Xoki, Ndumiso Mabena noVincent Pule nokho bona abukeka emancane amathuba okuthi badlale namuhla.
Ukushuba kombango wokuqeda ezindaweni zeCaf Champions League, neCaf Confederation Cup phakathi kwePirates, Chiefs neSuperSport United, ngenye yezinto ezofunzelela ukungancengani kulo mdlalo.
Yinto efanayo nakwiGalaxy elwela ukuqeda ibalwa namaqembu ayisishiyagalombili aphezulu.
“Sengike ngasho phambilini ukuthi ukuqeda kwethu kwitop8 kufana nokunqoba iligi emaqenjini anjengePirates,” ucashunwe esho kanje umqeqeshi weGalaxy, uSead Ramovic emuva komdlalo weRoyal AM.
La maqembu ngamanye ambalwa kule sizini angazange ashintshe abaqeqeshi yize kungabanga yisizini enhle kwiGalaxy.
Okuqaphelekayo, wukuthi yiwo womabili kuphela amaqembu ashaya ngabaqeqeshi bokufika kuleli ngoba uRamovic ngowaseGermany kanti uJose Riveiro wePirates udabuka eSpain.