KUFEZEKE isifiso somqeqeshi we-Orlando Pirates, uJoseph "Dudukudu" Makhanya, ezakhe zihlala esicongweni se-log yeDStv Diski Challenge okokuqaka kule sizini.
IPirates, okuqale impelasonto isendaweni yesibili, icoshe amaphuzu amathathu ngesikhathi yehlula iSekhukhune United ngo-3-0 ngoMgqibelo, eWits Stadium. ICape Town City, ebizihola phambili kusukela kuqale isizini, yehle esicongweni ngemuva kokubanjwa yiMarumo Gallants ngo 0-0 ekhaya.
EZimnyama zinamaphuzu angu-39 emuva kwemidlalo engu-18. ICity ilandela ngawu-38 emuva kwemidlalo engu-18. Ukunyukela esicongweni kwePirates, esiwine imidlalo emine ilandelana, kusho ukufezeka kwesifiso sikaMakhaya okubeke kwacaca ukuthi ufuna bahlale eqhulwini kwazise inhloso yabo wukuwuna iligi yeDiski.
UMakhanya unengcindezi yokulungisa amaphutha angesizini edlule, lapho eZimnyama zihlale khona esicongweni isikhathi eside kodwa zagcina zehlulekile ukuwina iligi. Nakuba sekusele imidlalo engu-12 kuphele isizini yeDiski kodwa asengaphenduka amatafula kwazise embangweni wesicoco kusekhona neSuperSport United esilandela ngamaphuzu angu-37 emuva kokubhubhudla iTS Galaxy ngo-4-0 ngoMgqibelo.
Emdlalweni obubhekwe ngabomvu kwiDiski, iKaizer Chiefs idlale ngokulingana ngo-1-1 neMamelodi Sundowns eWits Stadium.
Umqeqeshi weSundowns, uSurprise Moriri, uthe bazenzele phansi.
"Sizibeke ebuhleni sihamba phambili ngegoli. Kodwa sabavumela babuya. Bekufanele senze kangcono ngoba ibhola abathole ngalo igoli belisithwalise kanzima abebelidlala ngemuva kodonga lwethu lwasemuva ikakhulukazi u-Aden (McCarthy). Namuhla besingadlali amabhola emuva kodonga lwabo futhi singangeni kulezo zikhala. Besiba yingozi njalo uma silidlala ibhola lapho. Le nto kufanele siyilungise ngempela. Kuningi okufanele kwenziwe," kusho uMoriri.
Umdlalo weRichards Bay neStellenbosch awudlalangwa ngenxa yokuthi iStellies kade ifihla umdlali wayo, u-Oswin Andries, oshone emasontweni adlule.
Imiphumela yemidlalo yeDStv Diski Challenge:
TS Galaxy 0-4 SuperSport United; Royal AM 1-1 Golden Arrows; Orlando Pirates 3-0 Sekhukhune United Swallows 1-0 Chippa United; Kaizer Chiefs 1-1 Mamelodi Sundowns; Cape Town City 0-0 Marumo Gallants; AmaZulu 1-0 Maritzburg United