UKWEHLULEKA kweqembu lesizwe lebhola labesifazane, iBanyana Banyana ukuzibekisela indawo kuma-Olympic azodlalelwa eParis nonyaka, kuvuse imibuzo mayelana nenqubekela phambili ebholeni labesifazane kuleli.
Uhambo lweBanyana luphelele emzuliswaneni wokugcina wokuhlunga lapho ikhishwe khona yiNigeria ngo 1-0 ngemuva kwemilenze emibili.
Abalandeli abebephawula ezinkundleni zokuxhumana bahlukene ngemibono abanye besola umqeqeshi uDesiree Ellis ngendlela asethe ngayo isikimu, abanye bakhala ngokudembesela kwabadlali.
Enye ingxenye ikhombe iSouth African Football Association (Safa), iyisola ngokungenzi okwanele ukuthuthukisa ibhola labesifazane ukuze iBanyana ingahlehleli emuva kulandela ukwenza kahle eminyakeni emibili edlule.
Iqembu lika-Ellis lanqoba iWomen’s Africa Cup of Nation (Wafcon) okokuqala eMorocco ngo-2022.
Ngonyaka odlule liqophe omunye umlando lingena kwiLast 16 eNdebeni yoMhlaba eyayidlalelwa e-Australia naseNew Zealand.
Injabulo yokubona leli qembu lifinyelela lapho lalingakaze lifike khona selokhu lasungulwa ngo-1993, yaphelezelwa yithemba lokuthi luningi ushintsho oluzokwenzeka ebholeni labesifazane ukulithuthukisa.
Igxathu elathathwa yiSafa lokusungula iligi ephezulu kazwelonke ngo-2019, iHollywoodbets Super league, lingabalwa njengenye yezinto ezisondeze iBanyana empumelelweni.
Lokhu kufakazelwa wukuthi inqwaba yabadlali abagijima kuleli qembu baqhamuka kulesigaba yize bekhona nabazinze phesheya kwezilwandle.
UMengameli weSafa uDanny Jordaan uthe ngeke bavumele lokhu kuqhuzuka kweBanyana kuphazamise izinhlelo ezinhle abanazo ngebhola labesifazane.
Ubekhuluma esithangamini nabezindaba kulandela ukusongwa kwengqungquthela yeSafa ebiseBirchwood Hotel and Conference Centre eGoli muva nje.
“Ebholeni ziyaba khona izinto ezikuphazamisayo kodwa kufanele uqhubekele phambili. Besifuna ukuthi iBanyana ingene kuma-Olympic, sizamile sibhekene neNigeira kodwa kwala kancane.
“Ibhola linjalo. Sesibheke inselelo elandelayo okuwukuvikela isicoco seWafcon,” kusho uJordaan.
Uqhube wathi ukusungulwa kweligi ekhokhelayo yabesifazane yilona daba oluseqhulwini kodwa bazimisele nokuqhubeka ukuthuthukisa abadlali, abaqeqeshi nabanye abasemazingeni aphansi.
“Imiqhudelwano ephambili yabesifazane eyengamelwe yiSafa yiHollywoodbets Super League enamaqembu angu-16 ekhombisa ukuthuthuka ngokushesha. Sifuna ukuyiqinisa le ligi,” kusho uJordaan.
“Ngibe nomhlangano nongqongqoshe (wezeMidlalo) ngoLwesihlanu (olwedlule) sibonisana ngokuthi yimaphi amagxathu angathathwa ukuze kuphuthunyiswe ukuthi iligi yabesifazane ephezulu kube ngekhokhelayo,” kusho uJordaan.
“Zikhona izithiyo ezenza kube lukhuni ukufinyelela lapho. Esikhulu kakhulu imali okumelwe ikhiqizwe ngokusakazwa kwemidlalo.
“Siphinde sibe neSasol League okuyisigaba sesibili, esidlalwa amaqembu angu-144 kuzo zonke izifundazwe zakuleli. Lokho kuyakhombisa ukuthi ibhola labesifazane liyathuthuka kuleli.
“Sifuna ukuqikelela ukuthi siqinisa emazingeni aphansi kusukela ku-Under-14 kuze kufike eqenjini elikhulu.
“Zonke lezozinhlelo zamukelwe yinkomfa yeSafa, ebinabesifazane cishe abangu-60 abasezikhundleni kwiSafa ezifundazweni ezahlukene,” esho.
Ngaphandle kwemali eyaye ifakwe izinhlangano ezisakaza imidlalo uthe okunye okwenza kugqoze ukusungulwa kwale ligi ukwentuleka kwabaxhasi abazotshala imali eningi kuyona nabazosebenzisana ngqo namaqembu.
Zimbalwa izinkampani ezifake isandla ebholeni labesifazane kuleli. Egqame kakhulu yinkampani ekhiqiza uwoyela, uphethiloli namanye amakhemikhali.
Leyo yiSasol esiwe ivuka neBanyana yaphinde yaxhasa neligi eyisigaba sesibili kuleli, iSasol League kusukela ngo-2009 kuze kube manje.
Enye inkampani engene ebholeni labesifazane ngo-2021, eyokubheja, iHollywoodbets, exhase iligi ephezulu, iHollywoodbets Super League kusukela ngo-2021.
Okhulumela iHollywoodbets, uDevin Heffer uthe: “Nakuba singeneme ngokuthi iqembu lesizwe alingenanga kuma-Olympic kodwa ngeke sisahlehlela emuva manje.
“SiyiHollywoodbets sisazoqhubeka nokuxhasa ibhola labesifazane kuleli futhi siyazibheka nezinye izindlela zokwenza izinto zibe ngcono.
“Kuningi okusamele kwenziwe kodwa ukuqala into yikona okusemqoka. Siyethemba ukuthi eminyakeni ezayo iSuper League izoqhubeka nokukhula.
“Sifisa ukuthi nezinye izinkampani zibone ukuthi ukutshala imali ebholeni labesifazane kuyisu elihle.”
Owayengumqondisi webhola labesifazane kwiSafa eminyakeni edlule nowake wacija iBanyana, uFran Hilton-Smith, uthe sekuyisikhathi sokuthi iSafa, uhulumeni nezinye izinhlaka bayisukumele eyeligi ekhokhelayo ngoba yilokho okuzobeka ibhola lakuleli ezingeni elilandelayo.
“Indaba yeligi ekhokhelayo kade yayikhulunywa kodwa sekuyisikhathi sokwenza manje ngoba iyona nto esemqoka kakhulu.
“Uma abadlali behola bazokwazi ukugxila ebholeni, bayeke ukubamba amatoho eceleni. Lokho kungenza ukuthi wonke amaqembu aqine, kungagqami ambalwa angomntakabani kuphela,” kusho uHilton-Smith.
Uveze ukuthi ngaphandle kwabadlali, amaqembu adinga imali yokubhekelela ezinye izidingo njengokuholela abaqeqeshi nabanye ochwepheshe abadingekayo ebholeni lamanje.
Uthe akekho umuntu ongangitshela ukuthi eNingizimu Afrika ayikho imali edingekayo ukuze kuthuthukiswe le ligi, abantu bathole nemisebenzi.
“Kuhle ukuthi siyanda isibalo sabadlali bakuleli abadlala kumaligi aphesheya akhokhelayo kodwa futhi sifuna okufanayo nakwiligi yasekhaya,” kugcizelela uHilton-Smith.
IMorocco inezigaba ezimbili zebhola labesifazane elikhokhelayo. Inhlangano eyengamele ibhola kuleliya lizwe, iRoyal Moroccan Football Federation, iyona ekhokhela abadlali nabasebenzi bamaqembu angu-42.
Umdlali ngamunye ogijima esigabeni esiphezulu uhola okungenani u-3500 wamaDirham aseMorocco (ngaphezudlwana kuka-R6500), kuthi abadlala kwesesibili bahole okungenani u-2500 wamaDirham (R4500).
Amaqembu akuleli adlala kwiSuper League, asathola izibonelelo zokubhekana nezindleko zokuhambela imidlalo, ezokukhokhela izindawo zokulala uma edlala ekuhambeni, ezokuthenga ukudla nezokuhlela imidlalo yasekhaya.
AweSasol League athola imali yokuhambela imidlalo nezinye izindleko ezincane.
Oyimenenja yeSunflower Women’s Football League, egijima kwiSasol League ngaphansi kweSafa KwaZulu-Natal, uMana Nhlema, uthe:
“Yize ngingeke ngikwazi ukukhulumela amanye amaqembu kodwa lokhu esikutholayo, yize kunganele zonke izidingo zeqembu, kuyasiza uma kufanele sithathe uhambo noma sihlele amakhempu okuzilolonga.
“Besinethemba lokuthi impumelelo yeqembu lesizwe izokwenza abantu bakuleli nabaxhasi babone ukuthi ibhola labesifazane akuwona umdlalo nje kodwa asikawuboni umehluko owanele.
“Sifisa ukuthi amaligi ethu angathathwa njengawama-amesha. Njengamanje iSasol League iyisigaba esiphakela iSuper League namaqembu esizwe, okusho ukuthi yiligi esezingeni eliphezulu,” kusho uNhlema.
Uthe ufisa ukubona iSafa ilekelela nasekufundiseni amaqembu ukuthi izinto zihlelwa kanjani ngoba kunangenabo abantu abaqeqesheke ngokwanele, abaziyo ukuthi kusho ukuthini ukuphatha iqembu ngendlela eqondile..
Ibhola lakuleli labesilisa elikhokhelayo uthe sekuneminyaka linamaligi amabili akhokhelayo, selokhu kwasungulwa iPremier Soccer League ngo-1996.
Cishe wonke amaqembu angu-32 agijima kwiDStv Premiership neMotsepe Foundation Championship anazo izindawo ezifanele zokuzilolonga nochwepheshe abamqoka.
La maqembu anendima angayidlala ekufukuleni ibhola labesifazane ngokuba namaqembu awo noma asebenzisane namanye asevele ekhona.
IMamelodi Sundowns, Royal AM neTS Galaxy yiwona maqembu amathathu asesigabeni esiphezulu anawabesifazane agijima kwiHollywoodbets Super League.
Uveze ukuthi iSuperSport United inobudlelwano neqembu laseTshwane University of Technology, eselaziwa ngeTUT Matsatsantsa.
Emaqenjini adlala esigabeni sesibili i-University of Pretoria kuphela eneqembu ehambisana nalo kwiSuper League.
Inhlangano eyengamele ibhola e-Afrika, iCaf, izamile ukusondeza amaqembu abesilisa kwelabesifazane ngokushaya umthetho wokuthi wonke amaqembu azibekisele izindawo kwiCaf Champions League noma iCaf Confederation Cup mawabe namaqembu abesifazane ukuze avunyelwe ukuba adlale.
Ngaphambi kokuqala kwale miqhudelwano eqhubekayo kwadingeka ukuthi iSekhukhune United yakhe ubudlelwano neNorth West University, i-Orlando Pirates yamataniswa ne-University of Johannesburg.
Akukacaci ukuthi lobu budlelwano buzoqhubeka isikhathi esingakanani noma lamaqembu abenzela ukulungisa amaphepha okuyodlala kweye-Caf.
NgoJulayi nyakenye iSafa imemezele ukuthi iqashe iHead of Women’s Football, uRomaney Pinnock ozoqikelela ukuthi le nhlangano ayikhohlwa ukufeza izethembiso zokubeka ibhola labesifazane endaweni engcono eminyakeni embalwa ezayo.