MANCHESTER CITY v ARSENAL
Etihad Stadium - Kusasa ngo-5.30pm
English Premier League
YIZE isanda kuqala isizini ye-English Premier League kodwa ukutholana phezulu kweManchester City ne-Arsenal kubukeka kufike ngesikhathi esikahle kwazise womabili la maqembu awagayelwa mphako selokhu kuqale imidlalo yeligi ka-2024/2025.
Lo mdlalo obhekwe ngabomvu yiningi labathandi bebhola namaphanta emhlabeni wonke jikelele, use-Etihad Stadium, eManchester, kusasa ngo-5.30 ntambama.
ICity engompetha abavikela isicoco sePremier League kubukeka ingasinisi mahleza ngezinhloso zokuvikela isicoco njengoba isayiqale ngesivuthevuthe le sizini, ivulela isibhaxu kuyona yomine imidlalo esadlalilwe, nokwenza kube yiyona njengamanje ezihola phambili kwi-log ngamaphuzu angu-12.
Ngakolunye uhlangothi i-Arsenal nayo isakhombise izimpawu zokuba yiqembu elizimisele ngokusebenza kusakhanya njengoba isanqobe emithathu kwemine, yadlala ngokulingana kowodwa okuyibeka endaweni yesibili ngamaphuzu angu-10.
Ngaphandle nje kokuvulela isibhaxu kweCity esihlohle amagoli amaningi emidlalweni emine esadlaliwe, nomgadli wayo ovutha uphondo, u-Erling Haaland, akazwile njengoba esehlohle amagoli ayisishiyagalolunye kwangu-11 asashaywe yileli qembu.
UHaaland usephule irekhodi lesizini ka-1992/1993 likaMick Quinn weCoventry City lamagoli ayisithupha emidlalweni emine yePremier League, waphinde waphula elakhe futhi (uHaaland) langesizini ka-2022/23 lamagoli ayisithupha emidlalweni emine.
Kusukela ekuqaleni kwesizini edlule alikho iqembu lePremier League elisakwaze ukuhlohla amagoli amaningi ekhaya ukwedlula iCity.
Nokho i-Arsenal ikwazile ukuligoba leli qembu eliqeqeshwa nguPep Guardiola ngesizini edlule e-Etihad, zibambana ngo 0-0 emzuliswaneni wesibili wesizini, ekubeni i-Arsenal yayinqobe ngo 1-0 kowomzuliswano wokuqala.
Nakuba iCity ingakehlulwa ekhaya yi-Arsenal emidlalweni eyisishiyagalolunye kusukela ngoJanuwari ka-2015 kodwa izibalo zikhomba ukuthi i-Arsenal yiyona esakhonya uma zibhekene lezi zinkunzi njengoba emidlalweni engu-211 emlandweni, i-Arsenal isanqobe engu-99 yayo.
Nakuba kuseva ngombango wesicoco sePremier League kodwa umphumela womdlalo weThe Citizens ne-The Gunners ungase unike umkhombela ngeqembu elingaqeda umzuliswano wokuqala wesizini lisazihola phambili kwi-log.
Ngaphandle kweThe Citizens ne-The Gunners, elinye iqembu elisayiqale kahle le sizini yiNewcastle United nayo esanqobe imidlalo emithathu kwemine, nokuyibeka endaweni yesithathu kwi-log ngamaphuzu angu-10 ngokulinganayo neGunners.
INewcastle nayo inomdlalo omqoka neFulham, namuhla ngo-4 ntambama, eCraven Cottage, eFulham.
ILiverpool nayo ebisayiqale kahle isizini inqoba imidlalo emithathu ilandelana ngaphambi kokuguqiswa ngo 1-0 yiNottingham Forest ngeledlule kungabheke muntu, inenselelo yokuvuka izithathe emdlalweni wayo neBournemouth, namuhla ngo-4 ntambama, e-Anfield, eLiverpool.
Imidlalo ye-English Premier League:
Namuhla - Ngo-1.30pm: West Ham v Chelsea
Ngo-4pm: Aston Villa v Wolverhampton; Fulham v Newcastle United; Southampton v Ipswich Town; Tottenham Hotspur v Brentford; Leicester City v Everton; Liverpool v Bournemouth
Ngo-6.30pm: Crystal Palace v Manchester United
Kusasa - Ngo-3pm: Brighton v Nottingham Forest
Ngo-5.30pm: Manchester City v Arsenal