UMENGAMELI weSafa eThekwini, uMazwi Mkhize, usephonsele inselelo amaqembu adlala esigabeni seSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League ngokwenyusa izinga ukuze lesi sigaba siqhubeke nokuheha abaxhasi.
UMkhize ukusho lokhu ngenkathi kwethulwa umqhudelwano womkhumulajezi, i-ZLM Project Cup, ozodlalelwa ngamaqembu angu-20 eSafa KZN Motsepe League. Lo mqhudelwano uzodlalwa amasonto amabili kusukela ngoMashi 9 kuya ku-23, ezinkundleni ezehlukene eThekwini ezisazoqinisekiswa.
Kulo mqhudelwano oxhaswe yiZLM Project Engineering ngoR200 000, iqembu elizodla umhlanganiso lizohlomula ngoR100 000 nendebe, elilale isibili kube uR50 000.
“IKwaZulu-Natal yaziwa izwe lonke ngokukhiqiza abadlali abasezingeni eliphezulu futhi asikho isifundazwe esifika kulesi ngokwenza lokho kusukela kudala.
Eminyakeni edlule sasinezibabuli zabadlali engingabala kubo uPetrus “Senzeni” Zulu, Abednigo “Shaka” Ngcobo nabanye abaningi, ababedlala ibhola elinenkosi phakathi elalenza abantu bathutheleke ngobuningi ezinkundleni bezobuka ibhola,” kusho uMkhize.
“Sifuna ukuthi yande imiqhudelwano enjengalena ezodlalelwa ngamaqembu ethu ezigabeni zama-amesha ukuze kuphinde kuvumbululeke abanye abadlali abasezingeni eliphezulu, nabaqeqeshi. Ukuze abaxhasi abanjengalaba beZLM Project Engineering basondele bafake imali yabo ebholeni lethu, kufanele nani maqembu ethu akulesi sifundazwe nenyuse izinga. Abaxhasi abafuni ukufaka imali lapho bengaboni kahle khona. Nyusani izinga, kule sizini sibe neqembu elinyuselwa kwiMotsepe Foundation Championship.”
USithembiso Ntanzi, oyi-marketing manager yeZLM Project Engineering engabaxhasi bomqhudelwano, uthe: “Kusho lukhulu kithina ukufaka isandla sixhase ibhola lapha KwaZulu-Natal. Siyafisa ukubona lo mqhudelwano ukhula minyaka yonke.”
Lo mqhudelwano kubukeka ufike ngesikhathi esifanele njengoba isivele isongwa isizini ka-2023/24 yeSafa KZN ABC Motsepe League.
UKwenzakwakhe Ngwenya, ongumengameli weSafa KZN, uthe umqhudelwano uzosiza amaqembu ukuzilungisela imidlalo yokuhlunga kazwelonke.
“Sinenselelo lapha esifundazweni yokuthi ngenxa yokushesha kokusongwa kwesizini yethu yeMotsepe League iqembu elisuke lizosimela kweyokuhlunga kazwelonke, lizithola selilinde isikhathi eside lingenayo imidlalo elizoyidlala yokuzilungiselela. Lokhu kwenza iqembu elisimelayo ligcine lingasakwazi ukusimela kahle,” kusho uNgwenya.
IZLM Project Cup, ijoyine iPrimo Sports engabaxhasi bePrimo Cup, ngokuxhasa umqhudelwano odlalwa amaqembu akwiKZN ABC Motsepe League.
IPrimo Cup ibe nomqhudelwano wokuqala womkhumulajezi ngoSepthemba nyakenye, yanqotshwa yiNjampela FC yahlomula ngoR50 000.