UKUBOHLA kweMamelodi Sundowns, engakaze inqobe mdlalo kusuka iqede ngombango wesicoco seDStv Premiership, kwandisa ingcindezi yokunqoba iCaf Champions League kumqeqeshi uRhulani Mokwena nabadlali bakhe.
ISundowns ikuma-quarterfinal eChampions League neCR Belouizdad namuhla ngo-9 ebusuku, izobhekana nayo eNelson Mandela Stadium, e-Algiers, e-Algeria
“Kuyinselelo ezodinga siphaphame kuze kuyovalwa ngoba sizobe sidlala neqembu eliyingozi nalo elaziyo ukuthi lizobe libhekene nelinye iqembu eliyingozi,” kusho uMokwena ese-Algeria, abatheleke khona ngoLwesibili.
“Okumqoka wukuqikelela ukuthi sidlala ngomfutho ozosigculisa. Ngenhlanhla sinabadlali abanendathane yamava nabazi kahle ukuthi kudingekani kubo ohambeni olufana nalolu.”
Ukubohla kwezikaMokwena kusukela ziqede ngombango wesicoco seligi, kufakazelwa wukuthi ngeledlule zihlulwe, zakhishwa kuma-quarterfinal eNedbank Cup.
Lokhu kuqede ithuba lomlando wokuphinda izicoco ezintathu nakule sizini. Kunqamule nerekhodi likaMokwena lokungehlulwa kusuka ethathe amatomu okuhola ibhentshi leSundowns.
Lokhu kwengeza ingcindezi kuMokwena yokuyhi anqobe iChampions League, kungenjalo, ubuhanguhangu beqembu lakhe kule sizini bungaphenduka ize leze, uma lingashintshi ukwenza.
Kunobungozi bokuthi ukungawini imidlalo kulezi zinsuku sekuhlanganiswe nomlando omubi wokuphuma esigabeni samaquarterfinal eChampions League, amasizini elandelana.
Mhlawumbe uMokwena nezakhe sebezothembela ekuvukeni kogcabo lweMadiba Magic ngoba bazoba yiqembu lokuqala laseNingizimu Afrika, ukudlala kuleya nkundla kusuka iqanjwe ngegama likaNelson Mandela, owayengumengameli wokuqala wentando yabantu eNingizimu Afrika.
“Sizothola ithuba lokukhombisa ukuthi sikubonga kangakanani asenzele kona nezwe lethu,” kusho uMokwena.
Umlenze wesibili ungoMgqibelo ozayo, eTshwane.