INKAKHA nomqeqeshi wonozinti, uSipho Zimba, ikholwa wukuthi unozinti weMamelodi Sundowns, uRonwen Williams, kumfanele ukukhala emuke nomklomelo weDStv Premiership Goalkeeper of the Season ngenxa yokukhula nokudlondlobala kwakhe akukhombisile kule sizini.
UWilliams (31), okuyisizini yakhe yokuqala le kwiSundowns ayijoyine esuka kwiSupersport United nalapho kade eyisethenjwa khona njengoba afika kuleli qembu esazodlala enkulisa yabadlali abasathuthukiswa.
Lo nozinti ngaphandle nje, kokuphakamisa isicoco se-DStv Premiership okokuqala nalezi zingqungqulu zasePitoli ngoLwesibili, usephenduke nesethenjwa sikanozinti eqenjini lesizwe iBafana Bafana elizibekisele indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoba se-Ivory Coast, ngonyaka ozayo.
UWilliams nguye futhi ozobe esemapalini eSundowns emdlalweni kawafawafa womlenze wesibili wowandulela owamanqamu we-Caf Champions League neWydad Casablanca yaseMorocco namuhla ngo-3 ntambama, eLoftus Versfeld, ePitoli.
“URonwen usethuthuke kakhulu kuyo yonke iminxa edingekayo kunozinti webhola elikhokhelayo. Ishintshile indlela athuthuke ngayo kunalokhu abeyikho ngaphambi kokujoyina iSundowns. Ngikholwa wukuthi kufanele unconywe nomsebenzi womqeqeshi wonozinti kuleli qembu, uWendell Robinson.
“Ukhombisa okukhulu ukudlondlobala umdlalo nomdlalo, uyakwazi ukuba sendaweni efanele ngesikhathi esifanele. Ubheke nje namabhola awavimbile emdlalweni weChampions League bebhekene neWydad Casablanca.
“Okunye futhi wukuthi uyakwazi ukugcina umgqigqo wakhe umdlalo nomdlalo okuyinto ebaluleke kakhulu kunozinti,” kusho uZimba.
Esesonga uthe: “Nakanjani kumfanele ukuthola umklomelo weGoalkeeper of the Season ngendlela adlale ngayo isizini yonke.”
UWilliams ovele uthwelwe ngeqoma ekuhlabaneni ngomklomelo weGoalkeeper of the Season, emidlalweni engu-26 ayidlalile yePremiership kule sizini, ungenelwe ngamagoli ayishumi kuphela, wala ukhasha akangangenelwa goli kwengu-18, nokube wukuqopheka kwerekhodi elisha emlandweni we-PSL ukuthi unozinti enze lokhu.
Kanti uma sekuhlanganiswe yonke imiqhudelwano ukubala neyeChampions League neMTN 8 avimbe kuyo kuze manje, lo nozinti emidlalweni engu-22 akangenelwanga goli.