OWAYEYINJINI esiswini kwi-African Wanderers neManning Rangers, uWelcome "Mshini" Mazibuko, uphonsela inselelo iziphathimandla zebhola ngobumqoka bokuthuthukiswa kwengqalasizinda ezikoleni zasemalokishini nasemakhaya, ukuze lidlondlobale ibhola ezikoleni zabamnyama.
UMazibuko ukusho lokhu kuqhubeka imidlalo yomqhudelwano wamaSalga Games eNewcastle, oqale ngoLwesihlanu usongwe namuhla.
Le nkakha eqeqesha isikwati seTheku kule midlalo yamaSalga, iphinde iqeqeshe iqembu lebhola esikoleni sabaxube izinhlanga, iWestville Boys High, eThekwini.
"Ukuze lithuthuke ibhola ezikoleni zethu zabamnyama emalokishini nasemakhaya, kufanele abaphathi bebhola lezikole ngokubambisana nomasipala bamadolobha ethu, bafingqe imikhono ekuthuthukiseni izinkundla okudlalelwa kuzo imidlalo yebhola lezikole.
Lokho nje kukodwa kungenza umehluko omkhulu, kwenze ube lula nomsebenzi wabaqeqeshi bebhola ezikoleni.
Ngingasho ngokungangabazi ukuthi likhulu kakhulu igebe elikhona ngasohlangothini lwengqalasizinda ezikoleni zabamhlophe nezasemalokishini. Isibonelo nje, isikole engiqeqesha kuso, iWestville Boys, sinengqalasizinda esezingeni eliphezulu okwenza umsebenzi wami ube lula," kusho uMazibuko.
UMazibuko owayefunda ePhephimbisizwe High School (Baqa), eNtuzuma, ungomunye wabadlali abakhiqizwe yibhola lezikole eminyakeni edlule, baze badlala esigabeni esikhokhelayo.
"Kungihlaba umxhwele ukubona inkundla yaseMakhehleni, KwaMashu, kumanje ivaliwe iqalwa phansi iyakhiwa. Lokho okuyinto edinga ukushayelwa ihlombe, ngoba ukuba khona kwezinkundla ezisesimeni esihle emalokishini yikho okuzokwenza abadlali bethu bakwazi ukuveza kahle ikhono labo, hhayi ukudlala ezidindini."
Ephawula ngethalente aselibonile kumaSalga Games, uthe: "Into engihlaba kakhulu umxhwele emqhudelwaneni wakulo nyaka wukuthi abahleli bawo bakuqikelele kakhulu ukuthi abadlali ababamba iqhaza kube ngabangaphansi kweminyaka engu-19 (ubudala).
Lokho ngikuthatha njengegxathu elibheke phambili, ngoba abadlali bethu abasebancane yibona abayikusasa lebhola lethu."
AmaSalga Games ahlanganisa izikwati zamaqembu emidlalo eyahlukene eziluqhamukisa ezifundeni ezingu-11 zesifundazwe iKwaZulu-Natal, akhuze ibuya nonyaka emva kokumiswa iminyaka emibili ngenxa yokubheduka kweCovid-19.