OWAYENGUMGADLI we-Orlando Pirates, uPhumlani “BMX” Mkhize, ukholwa wukuthi kuzolenyusa kakhulu izinga lokuzethemba kumgadli waleli qembu, u-Evidence Makgopa, ukudlala kahle kwakhe kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) esongwe e-Ivory Coast.
UMakgopa (23) obenganikwe lutho ngabanye babalandeli bebhola baseMzansi, beshaya amakhala ngokuqokwa kwakhe esikwatini seBafana Bafana ebesiyodlala kwi-Afcon, ungomunye wabadlali beBafana abebegqamile kulo mqhudelwano webhola lase-Afrika. Udlale imidlalo eyisithupha yeBafana kusukela esigabeni samaqoqo kwaze kwaba owokubanga indodo yethusi neDemocratic Republic of Congo (DRC) ngoMgqibelo ebusuku, washaya igoli elilodwa.
“Ngiyazi ukuthi abanye abalandeli bebhola bebengayizwa eyokubizwa kukaMakqopa esikwatini seBafana Bafana ebesiya kwi-Afcon, kodwa umqeqeshi uBroos (Hugo) ukhombisile ukuthi uyayazi into ayenzayo, ngoba ubazi ukuthi uzomdinga umgadli onjengaye ukubhekana nezitobha zase-Afrika eziqatha futhi ezinye ezisukile egadeni njengaye.
Ngokwami uMakgopa ukhombisile ukuthi kungani eqokiwe eqenjini ebeliyomela izwe kwi-Afcon, yize ebenawo amaphutha ambalwa futhi ebengenza kangcono kunalokhu akwenzile,” kusho uMkhize.
“Ungumgadli onethambo futhi onamandla okwaziyo ukumelana nanoma yiluphi uhlobo lwesitobha esisebenzisa izikhwepha, ngakho besimdinga vele umgadli onjengaye futhi umqeqeshi uBroos umsebenzise ngendlela efanele.
Ukubakhona khona kwakhe ebhokisini kwenza izitobha zibe matasa. Uma nje engaqinisa ekuvikeleni ibhola, akwazi ukuvulela abanye ozakwabo izikhala, bese ezicija ekuqedeleni amathuba ngendlela efanele, nakanjani uzodlondlobala abe ngumgadli osezingeni eliphezulu.
Angingabazi ukuthi ukudlala kwakhe ngale ndlela kwi-Afcon, nakanjani kuzomqinisa ukhakhayi kulenyuse izinga lokuzethemba kuyena uma esebuyela eqenjini lakhe iPirates, ezomdinga kakhulu njengoba sezibuyela emidlalweni yeDStv Premiership neyeNedbank Cup.”
Lo mgadli odabuka eGaMampa, eBurgersfort, eLimpopo, ujoyine eZimnyama ngesizini edlule esuka kwiBaroka FC evutha uphondo, kodwa wadlala imidlalo eyisithupha kuphela esuka ebhentshini wangashaya goli.
Kodwa kule sizini usakhombise izimpawu zokuba ngumgadli oseqalile ukuwuthola ukhiye njengoba esashaye amagoli amane emidlalweni engu-17 asayidlalile kuyo yonke imincintiswano.