IHLAWULISWE itshe le mali iNjampela FC ngenxa yokutholakala inecala lokujaha unondweba, idlala neStone Breakers kowe-Safa KZN ABC Motsepe League emasontweni edlule.
Isolezwe libikile ngevidiyo ebizungeza okubonakala kuyo abadlali beNjampela bejaha unondweba owayedlalisa lo mdlalo.
Kuzwakala kuyo omunye ememeza ethi: “Mshayeni, khona ezogcina ukurobha!” Unompempe ubonakala ebaleka ethi galo yephuka. Uze asizwe ngomvulela isango kwaba ukusinda kwakhe.
Lo mdlalo obudlalelwa eNgcedomhlophe Stadium, eMpangeni, ugcine uphele ngo-2-2.
UKwenzokwakhe Ngwenya ongisihlalo weSouth African Football Association (Safa), KwaZulu-Natal, utshele Isolezwe ukuthi icala le Njampela lihlalelwe ngoLwesine olwedlule.
Uveze ukuthi ngoMsombuluko, ikomiti lenhlangano yakhe eliqondisa ubugwegwe liyalele iNjampela ukuthi ikhokhe uR150 000. Nokho uR50 000 ulengisiwe.
Lesi sikhulu siqhube sathi abanikazi baleli qembu batshelwe ukuthi uma beke baphinda lesi senzo bazoxoshwa kwiligi.
"SiyiSafa sijabule kakhulu ngalesi sigwebo. Sizokwenza namanye amaqembu afuna ukwenza umkhuba ofanayo, acabangisise kahle," kubeka uNgwenya.
UVeze ukuthi ikomiti eliqondisa ubugwegwe linqumbe nokuthi lo mdlalo ubuyiselwe ensimini, khona eNgcedomhlophe. Uthe bebefisa ukuthi udlalwe ngoLwesithathu (izolo) kodwa bavinjwa ukuthi kumele kuze kuphele amahora awu-72, avumela iNjampela neStone Breakers ithuba lokulidlulisa icala.
UFana Mbatha oyimenenja yeBreakers uthe kabeneme ngalesi sigwebo.
Uthe bazolidlulisa icala. Uthe incwadi yesinqumo secala bayithole ngoMsumbuluko ntambama, wathi kuyona bekubhalwe ukuthi iNjampela ilivumile icala yase ixolisa.
Uqhube wathi kuyo kuthiwa umdlalo uzoqalwa phansi. Lokhu kusho ukuthi ngeke esabalwa amakhadi atholwe ngabadlali kulo mdlalo.
UMbatha uqhube wathi kuthiwa izindleko zizothwalwa iNjampela bese bedlaliswa unompempe wePremier Soccer League (PSL).
Lesi sikhulu sithe bekumele amaphuzu amathathu anikwe bona ngoba yiNjampela eyenza umdlalo wangaphela.
"Asineme ngalesi sinqumo, ngaphambi kokuthi iNjampela ijeziswe ngokukhokha imali, bekumele kuqalwe ngokuthi sinikwe amaphuzu amathathu,“ kubeka uMbatha.
Ayiphumelelanga imizamo yokuthola uVusi Buthelezi weNjampela, uqale wacela ukuthi abuye athintwe kodwa wagcina engasaluphenduli ucingo, wathunyelezwa nomyalezo.
Imidlalo ye-KZN Motsepe League yangempelasonto:
Kwi-Stream A:
NgoMgqibelo-Ngo-3 pm: Milford v Summerfield (Empangeni Rugby); Wanderers v Njampela (Jabavu); Mtuba v Muzi (Mbonambi Primary); Mkhumbane v Asande (SJ Smith); Breakers v Mkhwakhwini (KwaMsane).
Kwi-Stream B:
NgoMgqibelo-Ngo-3 pm: Msinga v Friends (Mzisho); Drakensberg v Umvoti (Kandahari); Experience v Newcastle (Umkomaas Bisset); Coastal v Midlands (Edgewood); Pioneers v Mkhambathi (Sugar Ray Xulu).