UNCOME abadlali bakhe ngokuzibekisela indawo kwiCaf Champions League yangesizini ezayo umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro.
Ezimnyama zixebule AmaZulu FC ngo 4-0 emdlalweni wokugcina weDStv Premiership obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo.
Ziqede endaweni yesibili ngamaphuzu angu-54, zishiya iSuperSport United ngamathathu ngemuva kokuthi iguqiswe yiSekhukhune United ngo 1-0 kowayo wokusonga isizini.
"Besidlalela into ebaluleke kakhulu ngakho besingafuni ukuthatha amashansi. Sibe namathuba amabili okuqinisekisa indawo yethu e-Orlando kodwa sangawasebenzisa. Bekuyithuba lethu lokugcina.
"Ukudlala kahle yikhona okunikeze iPirates ithuba lokuba kwiChampions League ngesizini ezayo, engicabanga ukuthi yinto okumele iqembu elikhulu kangaka liyenze unyaka nonyaka,” kusho uRiveiro kwabezindaba ngemuva komdlalo.
URiveiro, uthathe izintambo kwezikaMagebhula ngaphambi kokuqala kwesizini. Usedle isicoco seMTN 8 naleli qembu futhi usethubeni lokwengeza enye indebe uma selibhekene noSekhukhune United kowamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo ntambama.
“Ngijabule ngokuba yingxenye yaleli qembu futhi ngisabheke okukhulu. Kuningi okusinika ithemba. Sizoqala kabusha kwiligi ezinyangeni ezimbili. Esikuzuzile kule sizini kubaluleke kakhulu kodwa sisanomdlalo omqoka okumele siwudlale, silwele enye indebe,” uqhube kanje lo mqeqeshi.
“Senze kahle kodwa akwanele, sifuna ukuya phambili. Sihlose ukuncintisana nawo wonke amaqembu ngesizini ezayo. Sidinga ukucubungula okwenzeke kule sizini futhi sibheke ukuthi singathuthuka kanjani, ngoba kukhona lapho okumele sithuthuke khona.”
IPirates yagcina ukudlala kwiChampions League ngesizini ka-2019/20, yakhishwa yiGreen Eagles yaseZambia emzuliswaneni wokuqala kweyokuhlunga. Ngo-1995 yaba iqembu lokuqala lakuleli ukunqoba lo mqhudelwano iguqisa i-ASEC Mimosas yase-Ivory Coast kowamanqamu.
Yayisethubeni lokuyithatha okwesibili ngo-2013 kodwa yakhala ngaphansi kowamanqamu, idliwa yi-Al Ahly yase-Egypt ngo 3-1 uma sekuhlanganiswa imiphumela yemilenze emibili.
XOLILE MPISANE
UNCOME abadlali bakhe ngokuzibekisela indawo kwiCaf Champions League yangesizini ezayo umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro.
Ezimnyama zixebule AmaZulu FC ngo 4-0 emdlalweni wazo wokugcina weDStv Premiership obuseMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ntambama.
EzikaRiveiro ziqede endaweni yesibili ngamaphuzu angu-54, zishiya iSuperSport United ngamathathu ngemuva kokuthi iguqiswe yiSekhukhune United ngo 1-0 kowayo wokusonga isizini.
"Sihambe phambili umdlalo usanda kuqala, futhi ngemuva kwalokho konke bekubukeka kukuhle. Bekusadingeka ukuthi sizimisele ukuze siwulawule umdlalo," kusho uRiveiro.
“Besidlalela into ebaluleke kakhulu ngakho besingafuni ukuthatha amashansi. Sibe namathuba amabili okuqinisekisa indawo yethu e-Orlando kodwa sangawasebenzisa. Bekuyithuba lethu lokugcina.
"Ukudlala kahle yikhona okunikeze iPirates ithuba lokuba kwiChampions League ngesizini ezayo, engicabanga ukuthi yinto okumele iqembu elikhulu kangaka liyenze unyaka nonyaka.”
URiveiro, othathe izintambo kwezikaMagebhula ngaphambi kokuqala kwesizini, usedle isicoco seMTN 8 naleli qembu futhi usethubeni lokwengeza enye indebe ekhabetheni laleli qembu uma selibhekene noSekhukhune United kowamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo ntambama.
“Ngijabule ngokuba yingxenye yaleli qembu futhi ngisabheke okukhulu. Kuningi okusinika ithemba. Sizoqala kabusha kwiligi ezinyangeni ezimbili. Esikuzuzile kule sizini kubaluleke kakhulu kodwa sisanomdlalo omqoka okumele siwudlale, silwele enye indebe,” uqhube kanje lo mqeqeshi.
“Senze kahle kodwa akwanele, sifuna ukuya phambili. Sihlose ukuncintisana nawo wonke amaqembu ngesizini ezayo. Sidinga ukucubungula okwenzeke kule sizini futhi sibheke ukuthi singathuthuka kanjani, ngoba kukhona lapho okumele sithuthuke khona.”
IPirates yagcina ukudlala kwiChampions League ngesizini ka-2019/20, yakhishwa yiGreen Eagles yaseZambia emzuliswaneni wokuqala kweyokuhlunga.
Ngo-1995 yaba yiqembu lokuqala lakuleli ukunqoba lo mqhudelwano ngesikhathi iguqisa i-ASEC Mimosas yase-Ivory Coast kowamanqamu.
Yayisethubeni lokuyithhatha okwesibili ngo-2013 kodwa yakhala ngaphansi kowamanqamu, idliwa yi-Al Ahly yase-Egypt ngo 3-1 uma sekuhlanganiswa imiphumela yemilenze emibili.