UJATSHULISWA wukuthi usenesithombe esingcono sokuthi iqembu lakhe liqine kuphi futhi lidinga ukuthuthuka kuphi umqeqeshi welesizwe labesifazane le-netball, uJenny van Dyk.
AmaProteas aqumbe phansi iMalawi ngo 3-0 ngempelasonto, ochungechungeni lweSPAR Challenge obeludlalelwa e-Ellis Park Arena.
Iqembu lakuleli linqobe umdlalo wokuqala ngo 68-31, owesibili lawuthatha ngo 69-38 kwathi owokugcina obungeSonto lawunqoba ngo 69-24.
UVan Dyk, othathe izintambo kumaProteas ngoFebhuwari nonyaka, uthe kumthokozisile ukuthi iqembu linqobe ngembudlu yamagoli kuyona yonke imidlalo kodwa usemningi umsebenzi okufanele bawenze.
“Sinqobe kahle ngokwamagoli, ngijabule ngemiphumela. Okwamanje kubalulekile ukuthi sijabulele le miphumela. Sikwazile ukunqoba iMalawi ngo 3-0 ochungechungeni lwethu lokuqala sindawonye. Sizame abadlali abahlukene, sibanike bonke amathuba okuzibonakalisa,” kusho uVan Dyk.
Ukaputeni uKhanyisa Chawane, uncome ukukhula kweqembu nendlela ebelibumbene ngalo kulolu.
"Ngijabule ngokuthi sikwazile ukuwungcina umgqigqo wethu kuyona yomithathu imidlalo. Ngicabanga ukuthi besilokhu silikhuphula izinga emdlalweni ngamunye. Abaqeqeshi bazenzile izinguquko kodwa saqhubeka nokubambisana kahle.”
Umgadli wamaProteas, uKamogelo Maseko, uqokwe njengomdlali ovele kulo mqhudelwano. U-Elmere van de Berg uthole indondo yeBest Shooter, uKarla Pretorius wathola eyeBest Defender. KwiMalawi ohlabene nendondo uThandie Galeta, oqokwe njengeBest Centre.
Khonamanjalo, iqembu lakuleli labesilisa ebelibhula amazolo nalo lunqobe uchungechunge lwalo neZimbabwe ngo 3-0.