UHLABEKE umxhwele ngendlela izinto ezimhambela ngayo eqenjini lakhe laphesheya, iMinnesota United, umgadli wakuleli, uBongokuhle Hlongwane, nakuba ebenganakile ukuthi usehlohle amagoli angakanani.
NgeSonto uyibhakuzise kabili inethi bebhaxabula iClub Puebla ngo 4-0 emdlalweni weLeague Cup. Useshaye amagoli angu-10 kuyo yonke imiqhudelwano. Amanye amagoli ayisithupha uwavalele emidlalweni yeligi, iMajor League Soccer, amanye amabili kwi-US Open Cup.
Ngesizini edlule, obekungeyokuqala kuleli qembu lase-United States of America, alijoyine esuka kwiMaritzburg United, ushaye amagoli amathathu emidlalweni engu-33.
“Bengingasinakile isibalo kodwa kusho lukhulu kimina. Kungenza ngibe nesibindi futhi ngibheke emidlalweni elandelayo ngokuzethemba,” kusho uHlongwane exoxa nephephandaba laseMinnesota, iSt Paul Pioneer Press.
“Ngidinga ukuqhubeka nalo mgqigqo omuhle. Kufanele ngiqhubeke nokusebenza kanzima ukuze ngiqhubeke nokushaya amagoli imidlalo ilandelana.”
UHlongwane, ongumdlali weqembu lesizwe iBafana Bafana, ubuye wakhuluma ngobudlelwano bakhe nozakwabo, u-Emmanuel Reynoso, obengekho emidlalweni engu-11 yokuqala yesizini. Lo mgadli wase-Argentina ubemisiwe ngenxa yokuthi akafikanga ngesikhathi ukuzoqala amalungiselelo esizini neqembu.
ILoons iphinde yaqinisa phambili ngokuthenga umgadli waseFinland, uTeemu Pukki, owake wagijima kwiPremier League e-England, edlalela iNorwich City.
“Ngibona sengathi kulula kimina ukudlala noRey, sixhumana kahle. Kwesinye isikhathi siphaselana eduze kodwa uyakwazi nokulibeka ngemuva kwezitobha ibhola, okwenza ngikwazi ukusebenzisa ijubane lami.
“Uhlale ebheke ukungiphasela ibhola ebhokisini futhi uma likumina uyakwazi ukulinda endaweni efanele, ngisheshe ngimbone uma ngimqalaza.”
Ifomu kaHlongwane iphinde yajabulisa nomqeqeshi wakhe, u-Adrian Heath, obelokhu emncoma ngisho nangesikhathi engawashayi amagoli amaningi ngesizini edlule.
“Sikhulumile ngalokhu ngesizini edlule, sathi kufanele engeze amagoli kulo msebenzi ongangatshazwa awenzayo. Usebenza kakhulu uma ibhola lingekho kuyena, uyamaka kodwa kuhle ukuthi manje useshaya namagoli amahle,” kusho uHeath kwi-website yeMinnesota United.
Ngesikhathi eshaya igoli lokuqala bebhekene nePuebla ngeSonto, uHlongwane uphakamise ijezi waveza isikibha esimnyama ebesibhalwe ukuthi “RIP DJ Mankamuza Mwaaam”.
Uthe lokhu ubekwenzela ukuhlonipha umngani wakhe abakhula naye obenguDJ, odlule emhlabeni ngesonto eledlule.
“Bekubuhlungu ukubona indlela abantu bangasekhaya okubathinte ngayo ukudlula kwakhe emhlabeni. Ngingedwa lapha, anginamuntu engingakhuluma naye. Angikwazanga ukuya emngcwabeni wakhe ngakho-ke ngibone kungcono ukuthi ngimhloniphe ngale ndlela,” usho kanje.