Bafana Bafana (0) 0
Tunisia (0) 0
IBAFANA Bafana ingene ngehubo kwi-Last 16 ye-Africa Cup of Nations (Afcon) ngokugwema ukushaywa iTunisia kowokusonga u-Group E walo mqhudelwano izolo ebusuku, e-Amadou Gon Coulibaly Stadium, eKorhogo, e-Ivory Coast.
IBafana ifike kulo mdlalo ihambela phezulu kulandela iwini yayo yokuqala kuleli qoqo lapho ilobole khona omakhelwane iNamibia ngo 4-0 ngeledlule.
Okucace ngemizuzu yokuqala yomdlalo ukuthi iTunisia ibizele ukuzowuxova ngezikhwepha, ukuma emuva, ikhale ngazo zonke izinqumo zikanondweba bese ithembela kumakhona nakuma-freekick.
Ize yaphela imizuzu yokuqala engu-20 ingekho iminyakazo etheni ngaphandle kokuthi bezithengana maphakathi nenkundla yize bekuyiTunisia ebifika kulandelana ebhokisini leBafana.
Ngokuhamba komdlalo iTunisia ibilokhu isondele njalo kucaca nokuthi iyona engalithola kuqala igoli kodwa lokhu bekuyizacisa emuva obekushiyela iBafana ithuba ngejubane labadlali bayo baphambili.
Seziyela ngasekhefini iBafana ibisiqala ukukhombisa izimpawu zokubonana kangcono, kugqame uThemba Zwane noPercy Tau. Kuyiwe ekhefini zibambene besazipholele onozinti.
IBafana ibuye ngoshintsho ifaka uNyiko Mobbie endaweni kaKhuliso Modau, okubukeke sengathi uthintekile esiwombeni sokuqala.
Nakusona lesi siwombe umdlalo ubuhamba ngomgqigqo ofanayo lapho ibhola belihleli kwiTunisia kodwa ingasondeli ekubeni inkinga kuRonwen Williams, obesezintini zeBafana.
Kungene ukaputeni weTunisia obengazange awuqale umdlalo, uYoussef Msakni ngomzuzu ka-58 endaweni kaBen Slimani. UMsakni ubedlala okwehlandla lika-100 eqenjini lesizwe.
Umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, ukhiphe uMorena wafaka uThapelo Maseko ngesikhathi lapho iBafana ibisiqala khona ikhombisa izimpawu zokufudumala.
Lokhu kukhuphula izinga kweBafana kuyivezele amathuba yize ebembalwa kodwa uTau bekumele enze okungcono okungenani ngelilodwa lawo.
UZwane udonsiwe indawo yakhe yathathwa uThapelo Monare, obese ezovala kwaze kwaba umdlalo uyaphela.
IBafana izobhekana neqembu eliqede esicongweni kuGroup F.
Komunye umdlalo waleli qoqo, iNamibia neMali babambane ngo 0-0 okusho ukuthi iMali inqobe iqoqo yalandelwa iBafana. INamibia ingene kwi-Last 16 njengelinye lamaqembu aqede kangcono endaweni yesithathu.