I-UPINGTON City yandise isibalo samaqembu aseNorthern Cape esigabeni seMotsepe Foundation Championship ngokushaya iMpheni Home Defenders ngo 3-2 sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni wokuqala weyandulela eyamanqamu yeSafa ABC Motsepe League National Play-Off, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoLwesihlanu.
Umdlalo ubuphele zibambene ngo 1-1, amagoli ashaywe nguDellmico Malgas eleCity, nelikaFreedom Nyundu weHome Defenders.
ICity isilinde ukuyodlala owamanqamu nozonqoba phakathi koMsinga United ne-Orbit College kowesibili wowandulela owamanqamu ngo-3 ntambama.
Leli qembu laseNorthern Cape selijoyine omkhaya balo iHungry Lions kwiMotsepe Championship, nokusho ukwanda kwamaqembu akulesi sifundazwe kulesi sigaba esiphakela eseDStv Premiership.
Ngakolunye uhlangothi ukwehluleka kweMpheni ukukhuphukela kwiMotsepe Championship kusho ukuthi iLimpopo izoba namaqembu amabili kuphela kulesi sigaba ngesizini ezayo, okuyiBaroka FC neMagesi FC, kulandela ukugawulwa yizembe kweBlack Leopards neTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM), kanye nokukhushulelwa kwiPremiership kwePolokwane City.
Amaqembu amabili anqobe kuma-semifinal alamaPlay-Off kazwelonke azodlala owamanqamu ngeSonto, esevele ezibekisele indawo kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo ka-2023/24.
Owamanqamu uzoba seHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngeSonto ngo-3 ntambama.