ZAKHELE XABA
ISOUTH African Football Association (Safa) ikhathazekile ngomsizi kanompempe, uTshepo Nojila, okuvela ukuthi akwaziwa ukuthi ukuphi.
Ngokusho kwenhloko yonompempe kwiSafa, u-Abdul Ebrahim, uNojila ugcine ukubonakala ngoLwesibili ngomhlaka Febhuwari 7 enesinqandamathe sakhe.
Ngalolu suku bekufanele aphindisela imoto eqashwayo yakwa-Avis eMafikeng, eNorth West, abeyisebenzisa ngesikhathi eyodlalisa umdlalo weLamontville Golden Arrows neRoyal AM KwaMashu ngoFebhuwari 4.
Kuthiwa abakwa-Avis bathinte iPremier Soccer League (PSL) beyazisa ukuthi uNojila akayibuyisanga imoto ngosuku obekuvunyelwene ngalo,"kusho u-Ebrahim.
"Umndeni wakhe usulubikile udaba emaphoyiseni. Kodwa okwamanje akukho okuvelayo.
“Sikhathazekile ngoba asazi ukuthi yini eyenzekile kuyena. Udadewabo uthi ugcine ukukhuluma naye ngomhlaka 7.
“Sicela umphakathi usisize simthungathe, silekelele umndeni namaphoyisa.”
Kuduka uNojila nje akukapheli nenyanga kudlule emhlabeni unompempe uMoeketsi Molelekoa oshone engozini yemoto eFree State.
Akubuzwa ukuthi ukulahleka kukaNojila kuzonyusa amaphaphu kwabaningi,“ kusho u-Ebrahim.
"Kade sizama sishaya izingcingo, sithungatha kuyona yonke indawo kodwa asiwutholi umkhondo.
“Sengibuze nakonompempe basemazingeni aphansi eNorth West kodwa nabo abamazi ukuthi ukuphi. Sinethemba lokuthi kuzovula izindaba ezinhle.
“Uma kukhona ombonayo noma kukhona akuzwayo siyacela athinte umndeni namaphoyisa.”
MISSING PERSON - "Tshepo Baragaad Nojila , SAFA Referee from North West Province who serves in the PSL Panel. Last seen Tuesday(7th February 2023) wearing a Light Blue track pants & black & Pink Showmax Outfit. , driving a :
— Kagiso Monyadiwa (@KagisoMonyadiwa) February 12, 2023
Car Make: White VW TSI KY 49 VZ GP. Call 0639199750" pic.twitter.com/1UPO60SH6Z