IROYAL AM iqongise ingcindezi ngesikhathi ilahla amanye amaphuzu ibambana ngo 1-1 neChippa United emdlalweni weDStv Premiership, obuseChatsworth Stadium eThekwini, ngoMgqibelo ntambama.
Womabili la maqembu aye kulo mdlalo ewadinga ngokufanayo amaphuzu, ikakhululazi iRoyal AM ebibuya esibhaxwini sika 3-1 esithole kwiMaritzburg United ngeledlule.
Ibize emdlalwni ingayazi iwini emidlalweni emihlanu, kusukela kubuywe ekhefini leFifa World Cup ngoDisemba.
I-AM isheshe yacacisa ngezinhloso zayo zokunqoba umdlalo ngenkathi umgadli waleli qembu, uMotebang Sera, evalela phakathi igoli ngomzuzu ka-6 umdlalo uqalile.
Nakuba ziye ekhefini iRoyal AM kuyiyona ebiphezulu ngomdlalo, kodwa ngesiwombe sesibili iChippa ibuye isiyiqembu elingcono kakhulu, yathola amathuba amaningi okushaya amagoli kodwa abadlali bayo bahluleka ukuwasebenzisa ngendlela.
UThabiso Lebitso, weChippa nguyena ogange ngomsebenzi ngomzuzu ka-57 ehlulwa wuhlaba-udle wethuba esebhekene nonozinti we-AM, uPatrick Nyame, walibeka ezandleni zakhe.
Kodwa ukucindezela kweChilli Boys kugcine kuthele izithelo ngenkathi izitobha zeRoyal AM zihuqa ubuthongo, zidedela u-Etiosa Ighodard eshaya elokulinganisa ngomzuzu ka-81.