ULEHLOHONOLO Majoro owayengumgadli we-Orlando Pirates, ukholwa wukuthi kule sizini leli qembu lizovuna izithelo ngokubambelela kumqeqeshi uJose Riveiro.
EZimnyama zinethuba lokugcina indebe yeMTN8 uma zehlula iStellenbosch kowamanqamu ozodlalelwa eMoses Mabhida Stadium eThekwini, namuhla ngo-6 ntambama. Lokhu kungenxa yokuthi seziyiwine kabili le ndebe amasizini elandelana. Konke lokhu kwenzeke ngaphansi kukaRiveiro owajoyina iPirates ekuqaleni kwesizini ka-2022/2023. Kumasizini amabili lo mqeqeshi ekwiPirates, usewine iMTN8 kabili neNedbank Cup kabili kulandelana.
“Ngijabule ngePirates. Ukuthi igcine umqeqeshi amasizini amathathu, kukhomba ukuthi bekunenhloso ohlangothini lwabaphathi. IPirates izitshelile ukuthi iyakha ngalo mqeqeshi. Ngakho ilisebenzisile ithuba lokwakha, kungakhathaleki ukuthi imiphumela ibihamba kanjani. Ngaphezu kwalokho, iwine izindebe. Iziwinile izindebe nakuba bekubheda kwiligi. Indlela iPirates eyiyona manje, angikholwa wukuthi iMamelodi Sundowns izocanasa njengoba yenzile ngesizini edlule ngenxa yokuthi iqembu elifana nePirates selikulungele ukushisisa umbango. Uma iSundowns iyiwina iligi, ngeke kube wumehluko wamaphuzu ayishumi noma eyisihlanu. Kuyolamula imidlalo yokuphela kwesizini,” kusho uMajoro oyinxusa leMTN8.
Emdlalweni neStellies, iPirates izobhekana nobunzima kwazise leli qembu laseKapa lishaya ngenqwaba yabadlali abathwalisa ubunzima inqwaba yamaqembu. IStellies isizakhele ugazi kubalandeli baseMzansi ngokunika ithuba abadlali abasebancane abasuka kwiDStv Diski Challenge abafike bagile izimanga kwiBetway Premiership. Ngesizini edlule, laba badlali basize leli qembu laseKapa lawina indebe yeCarling Knockout Cup.
“Leli yithuba labadlali abasebancane beStellenbosch lokukhombisa ikhono labo kowamanqamu. Nami ngisemncane, ngangihlala ngifisa ukudlalela elinye lamaqembu amakhulu. Esikhathini samanje abagcini ngokudayiswa eMzansi kuphela kodwa sebedayiselwa namaqembu aphesheya kwezilwandle. Yithuba elikhulu leli kubona. Ngicabanga ukuthi iPirates inengcindezi enkulu ngenxa yesipiliyoni sayo. Bonke abantu balindele ukuthi iwine. IStellenbosch ayinayo leyo ngcindezi futhi umqeqeshi akanaso isidingo sokugqugquzela abadlali bakhe,” kusho uMajoro.