Morocco (0) 0
Croatia (0) 0
KUFANELE ukuba libanyusele ithemba abeMorocco iphuzu abalithole ngokucazelana ngamaphuzu neCroatia emdlalweni weNdebe yoMhlaba kaGroup F obuse-Al Bayt Stadium, eQatar ngoLwesithathu ntambama.
Lo mphumela ubeka leli qembu lesizwe lase-Afrika ethubeni lokuzama ukuthola okuthile kwiBelgium nakwiCanada, okungamanye amazwe akuleli qoqo neCroatia, elale isibili eRussia ngo-2018.
Kube sengathi iyandiza imizuzu yokuqala engu-30 yomdlalo kwazise womabili la maqembu esizwe awuqale ephuthumana.
Alikho ebelikhombisa izimpawu zokuzithela ngabandayo, okufakazelwa ukuthi nakuba onozinti bobabili bebeziphumulele, bezishukana phakathi nenkundla nasezimpondweni.
IMorocco ebingathishiwe kangako kwazise ibibhekene nezwe elishaywe yiFrance kowamanqamu eRussia ngo-2018, ikhombise izimpawu zokuba yingozi esiwombeni sokuqala kugqame uHakim Ziyach, osanda kubuyiswa eqenjini lesizwe kulandela ukuxoshwa komqeqeshi owayemdingisile eqenjini lo mdlali weChelsea.
Kuze kwaba ithuba eliyekwe wuNikola Vlacic, ngomzuzu wokugcina wesiwombe sokuqala elisebenzise uYassine Bono, obevimbele iMorocco.
Noma ngabe yini le eshiwo wumqeqeshi weCroatia ngesikhathi sekhefu isebenzile ngoba iqembu lakhe libuye selikhombisa izimpawu zokukhumbula ukuthi likwabhekwe ukuba ahambe ibanga elide emqhudelwaneni.
Nakho lokhu bekubukeka kungayethusi iMorocco, okufakazelwa wukuthi ibiqhamuka nayo neyayo iminyakazo yize ibingafiki ezintini zeCroatia.
Nakuba iCroatia inabadlali abanamagama, njengoLuka Modric weReal Madrid, Mateo Kovacic weChelsea no-Ivan Perisic weTottanham kodwa iMorocco ibikugqiba lokhu ngomfutho ebiwufaka nangokuzimisela ukulwa umdlalo uqala kwaze kwaba uyaphela.
Lo mdlalo uze wafika emzuzwini ka-80 kungacaci ukuthi yiliphi izwe elizoqoqa amaphuzu amathathu njengoba umdlalo ubulokhu uya ngokuya wehla nangokomgqigqo.
Obekuphoxa ngeMorocco wukuthi yize ibivale kahle emuva futhi ilwa esiswini kodwa ibingeyona ingozi, okufakazelwa wukuthi esiwombeni sesibili sisodwa, ilithinte kabili kuphela ibhola ebhokisini leCroatia.
IMorocco izolandelisa ngeBelgium ngeSonto eThumama Stadium, bese kuthi iCroatia ibhekane neCanada ngosuku olufanayo.