KUZONXENXWA uMasipala waKwaDukuza ukuba uvume ukuba iNkobongo Sports Stadium, iqanjwe ngegama likaSiphamndla "Spepe" Mtolo, obedlalela iRichards Bay FC, oshone ngoLwesibili oludlule, kulandlela ukuquleka ejimini.
UMtolo (29) ufihlwe izolo ntambama emathuneni aseNkobongo, kulandela inkozo yesikhumbuzo ebiseNkobongo Stadium, lapho lo mdlali oshiye izingane ezimbili emhlabeni, eqale khona ukugqama.
Ikhansela lendawo elidlale naye uMtolo emazingeni aphansi, uMuzi Ngidi, litshele Isolezwe ukuthi yize kungeke kube into eyenzeka ngokushesha kodwa banawo amaphuzu okunxenxa umasipala ukuba ubezwe kulokhu abakucelayo.
"Abantu baseNkobongo yibona abazosisiza ukuthi kusheshe lokhu esikufisayo ngoba umasipala uzovuma uma kungabantu bendawo abafuna lokho.
"Akekho omunye esimkhombayo kule ndawo ngakho-ke abantu bendawo bazovumela phezulu yingakho sinokuzethemba. Kuhle ngoba lokhu kwenzeka ngesikhathi vele simatasa nokushintsha amagama ezindawo zangakithi ukuthi aqanjwe ngezingqalabutho zendawo. Likhulu ithemba," kusho uNgidi.
UMtolo uwe ejimini ngoLwesibili, waphuthunyiswa esibhedlela lapho efike washonela khona.
Umndeni kaMtolo uthe akukho okusolayo kodwa ngeke wenabe kangako ngembangela yokushona kwalo mdlali.
Yize imvula enamandla iyidlive kusukela ekuseni kwaze kwaba ntambama, abantu bendawo bebephume ngobuningi babo ukuzophelezela iqhawe labo abebelichaza njengobekuyilona lodwa.
"Ibisithanda sonke le ngane futhi ibikhombisa ukuthi iyaziqhenya ngokuba ngeyaseNkobongo. Bekunguyena yedwa esimkhombayo (odumile) kule ndawo,“ kusho uZodwa Xulu obekhulumela omakhelwane.
Kulo mngcwabo, iNatal Rich Boys ibiphelezelwe yiLamontville Golden Arrows (Vusimuzi Kanu noMusa Bilankulu), AmaZulu FC (Romain Folz noQedi Dlamini), Maritzburg United (Quinton Jetoo).
Bekungewona umngcwabo womunyu kwazise abalandeli beBay, aboSuthu, Kaizer Chiefs naboThongathi FC, bebelokhu beyivume njalo inkundla, wena owabona bebongela amaqembu abo enkundleni. Nomculi wokholo, uJumbo ubeziguqula izingoma zokholo ezenza lezi ezijwayele ukushaywa abalandelni uma besenkundleni.
Umunyu uqale sekuvela ithuba lokuthi unozinti weBay, uMalcolm Jacobs, avalelise kobengukaputeni wakhe.
"Ngisebenze noMtolo amasizini amathathu. Ubengumholi ovelele enkundleni nangaphandle kwayo. Njengoba umfowethu eseya endaweni engcono, angingabazi ukuthi uzoqhubeka asibheke," kusho lo nozinti ngesibibithwane.
"Kusukela manje, konke esikwenzayo sizokwenzela yena. Ibuhlungu inhliziyo ngoba silahlekelwe ilo obesibamba ngesabdla asihole," kusho uJacobs oqale wahluleka lo nozinti ukukhuluma.
UKatlego Maphathe osekunguyena obenikwa ibhande lobukaputeni ngesikhathi uMtolo elimele isikhathi eside, ukhalise abantu abaningi.
"Kubuhlungu okwenzekile ngoba konke bengikwenza naye futhi ngihlala naye ngisho endlini. Ngilahlekelwe ngale ndlela yokuthi ngifisa avele avuke uMtolo athi kimina, hheyi ngicishe ngafa.
"Ngifunde lukhulu kuNduna (igama abebeteketisa ngalo uMtolo), futhi ngiyohlale ngimkhumbula," kusonga uMaphathe.
Usihlalo weBay, uSifiso “Jomo" Biyela, uthe: "Ngenxa yalo mfana ngaphenduka umlandeli woThongathi. Ngenxa yalo mfana ngiqalile ngalulandela Uthongathi obekubaxaka abaningi ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi usihlalo weqembu abe wumlandeli weqembu elidlala esigabeni esifanayo neqembu lakhe.“
"Ubehlukile kodwa enganakekile. Ngenxa yalo mfana ngithole izinsolo zivela kubantu abayingozi. Ngigcine sesingabangani nabaphathi boThongathi ngenxa yalo mfana.
"Silahlekelwe isosha, umholi obehola buthuli. Ngijabule ngalo mfana. Ubengajwayelekile futhi ubengumxhumanisi. Abangalazi ngokugcwele ibhola, bebengamboni kodwa abalazi lonke, bayazi ukuthi ubehlukile. Ungomunye wabadlali ebengixoxa nabo. Ngiyakuvuma lokhu ngoba ubudlelwano bami naye bebehlukile. Ngeke ziswele izingane zakhe ezimbili azishiye emhlabeni ngikhona.“
Mayelana nezifiso zabo zakule sizini yabo yokuqala kwiDStv Premiership, uthe: "USpepe uyazi sifunani kule sizini. Nathi siyazi ukuthi ubezofunani kithina ngakho-ke iqondile idaba yethu. Ngiyohlale ngimthanda futhi ngimkhumbula ngoba uyimele ngokuzinikela ngaso sonke isikhathi iRichards Bay."