UNGQONGQOSHE weZemidlalo eNingizimu Afrika, uZizi Kodwa, uthembisa ukuthi uhulumeni usezinhlelweni zokulekelela iMarumo Gallants ukubuyisa izikhulu zayo ezimbili ezithunjwa eLibya.
Indaba iqale ngoMashi 19 iGallants ihlephula i-Al Akhdar ngo 4-1 yaseLibya ngo 4-1 esibayeni sayo emdlalweni weCaf Confederation Cup.
Kwaba nezihibe kulo hambo nezaphetha ngokuthi isicebi sakuleliya lizwe esiphethe ihhotela okwakulele kulo iGallants, sivimbele izikhulu ezimbili zeGallants ukuba zibuyele ekhaya.
Lesi sikhulu ngokushicilela kwisabcnews.com, igama laso okungu-Ali Alzargha, kuthiwa sivalele eLibya uRufus Matsena okwezokuxhumana eqenjini noTebogo Dholomo ongumlolongi wemizimba.
Ephawula ngalokhu, ubeseMoses Mabhida Stadium, eThekwini uKodwa emcimbini wokuqhathwa kwezikole ezidlala kweyamanqamu eCaf African Schools Championships ezosongwa eSugar Ray Xulu Stadium.
“Ubuza nje ngilinde impendulo kuNgqongqoshe wezokubambisana kwamazwe, uNaledi Pandor.
“Sesikubone kaningi kwenzeka ukungaphatheki kahle kwamaqembu ethu emazweni angaphandle kodwa lokho akusho ukuthi kusuke kunezinhloso ezimbi ezivela kulelo lizwe ngathi. Okumqoka kithi wukusebenza ukunakekela eyokubambisana kwamazwe.
“Sixoxa eyemidlalo yezikole nje, kubekwe phambili izinhlangano ezengamele ibhola emazweni ngokwehlukana. Yileyo into okumele iqikelelwe ukwenziwa kuzo zonke izinhlaka.
“Yebo, amazwe ngokwehlukana anemithetho yawo. Lapho esingeke sikwazi ukungena khona, yilapho kuthinteka khona imithetho yamazwe ngokwehlukana..”
IGallants ayigayelwa mphako kweyeCaf yize imuka nezihlabathi kweyeDStv Premiership.
IGallants iqhathwe nePyramids SC yase-Egypt kumaquarterfinal eConfed.
KwiPyramids kudlala umgadli weBafana Bafana, uFagrie Lakay.