EMUVA kwenyanga umengameli weConfederation of African Football (Caf), uPatrice Motsepe, ethule i-Africa Super League, abathandi bakanobhutshuzwayo e-Afrika, basadukuza oswini lwenkomo ngokuningi okuthinta le ligi okudalulwe ukuthi izoqala ngo-Agasti 2023.
Isikhathi ezodlalwa ngaso, izinyanga ezingu-10 kusuka ngo-Agasti kuya kuMeyi, ngenye yezinto ezimbalwa ezisaziwa ngale ligi, iningi elivele lishaya amakhala ngayo.
Okunye okwaziwayo wukuthi izovulwa ngamaqembu angu-24 avela emazweni angu-16 ase-Afrika, nokho awakaqinisekiswa amagama alawa maqembu futhi akukacaci ukuthi azoqokwa kanjani.
Iyaziwa nemali etshaliwe;
– Iqembu ngalinye kwazodlala lizoqiniswa iphakethe ngoR43 210 000.
– Iqembu elizodla isicoco lizomuka nezindodla ezibalelwa phakathi kukaR198 million noR200 million.
Ukuqhubeka kwesikhathi iCaf ingaphumeli obala ngemicikilisho eminingi ethinta lo mqhudelwano, kubukeka kwandisa imibuzo namahemuhemu azokhulisa umonakalo ngaphezu kokukhanya ngale ligi.
Ezingxoxweni ezihlukene nezikhulu nabaqeqeshi, kuyavela ukungenami ngale ligi, ikakhulu ukungacaci kwendlela esetshenzisiwe nezosetshenziswa ukuqoka amaqembu azodlala kulo mqhudelwano wezigidi.
Kunemibuzo yokuthi kuzokwenzekani ngamaqembu aqeda ezindaweni eziphezulu emaligini amazwe ngamazwe? Ngabe azoqhubeka nokudlala kwiCaf Champions League ayishebe neSuper League noma izohlezi ingeyabakhethiweyo?
Okuqongisa imibuzo ngokuqokwa kwamaqembu wukuthi kuvele kunesibalo sangu-40 esamenywa nguMotsepe eMorocco, ngoJanuwari/Febhuwari 2022, kudlalwa i-2021 Caf Africa Cup of Nations, ukuyodingida izinhlelo zokubunjwa kwale ligi.
Akwaziwa ukuthi aqokwa kanjani lawo maqembu angu-40 ezwezikazi elinamaligi angu-54 ehlukene, ngaphandle kokuthi kwasetshenziswa isithunzi esihambisana namagama awo.
Namanje iCaf ayiyiphenduli imibuzo ethunyelelwa yona ukucacisa ukuthi aqokwe kanjani amaqembu angu-24 kwazise eziputshukile zithi iNingizimu Afrika, izomelwa yiKaizer Chiefs, Orlando Pirates neMamelodi Sundowns?
I-Egypt yiyo eshaya ngamaqembu amaningi, kubalwa i-Al Ahly, Zamalek, Pyramids ne-Ismaily SC.
“Siyezwa kuthiwa iqembu elizonqoba iSuper League lizomuka noR200 million kodwa kakucaci ukuthi kuthiwani ngeligi yasekhaya? Siyezwa kukhonjwa iPirates, Chiefs neSundowns kodwa asazi baqokwe kanjani?” kukhala uTim Sukazi, usihlalo nomnikazi weTS Galaxy, elinye lamaqembu eDStv Premiership.
“Uma uthatha la maqembu amakhulu eligini yaseNingizimu Afrika uwafaka kwiSuper League, ucabanga ukuthi azoqhubeka adlale ngokuzinikela eligini yasekhaya? Angikuboni kwenzeka lokho, nakancane.
“Iqiniso wukuthi njengamanje ayenziwe ngendlela le nto yeSuper League. Ngokwazi kwethu neligi yethu ayikaziswa lutho olusemthethweni, singazi-ke.
“Umbuzo obhekene ne-Afrika uthi ‘Ngabe niyavuma ukuthi kule minyaka ezayo nizoba neligi yezigidi ezophazamisa amaligi enu amazwe bese nithemba ukuthi izothuthukisa izinga lebhola lenu?’ Angikuboni lokho (ukuthuthukiswa kwebhola), le izolimaza ibhola ngendlela engakaze ibonkalale.
“Abathandi bebhola abazimisele ukubona iChiefs, Pirates neSundowns ebophela eligini yasekhaya iqembu elingaqinile ngoba isikwati sayo esikhulu isibekele iSuper League. Bazobe bengazenzi, nami ngisezinyathelweni zabo, ngingaqinisa unyawo la ngijaha khona uR200 million esikhundleni sikaR15 million (weDStv Premiership).
Usihlalo weCape Town City, uJohn Comitis, ngomunye ongakufihli ukuthi ubona “iSuper League izolibulala ibhola lase-Afrika”.
Ucashunwe kweminye imithombo elimisa ngesihloko elokuthi uma iqhubeka iSuper League, noma asengavalwa amaligi asekhaya.
“Noma sezingavele zicishwe izibani emaligini asemakhaya,” kusho uComitis.
Indlela okunokudideka ngayo, kuyimanje kunamahlebezi okuthi iChiefs izogcina ikhahlelwe yiguzu kwiSuper League ngenxa yokubhinjelwa wuhlelo kwiDStv Premiership kule sizini.
Isikhulu sayo esengamele ezokumakethwa eqenjini, uJessica Motaung, yiso ebesimele iqembu laso ezimenyweni zeCaf ngeSuper League kodwa naso sigcina ukuphawula ngalo mqhudelwano sazwakala sisenemibuzo eminingi.
Akusibo bodwa abaholi bamaqembu abazwakalisa ukungagculiseki ngeligi kodwa ngokunjalo nabaqeqeshi.
UJose Riveiro we-Orlando Pirates ukhala ngokuminyana kotshumo kwemidlalo kwazise kulezi nsuku kudlalwa kabili ngesonto ngenxa yeNdebe yoMhlaba engoNovemba.
“Uma ngicabanga ngomqhudelwano omusha, ngibambeka ekutheni, kuzomiswa kanjani njengoba kuvele kuminyene nje kuyimanje? Asethembe bazoyithola indlela yokwenza kudlaleke,” ecashunwa kwisportsbrief.com uRiveiro, odabuka eSpain, e-Europe lapho ikhahlelwe khona ngazo zombili iSuper League.
Yize iningi lizwakalisa izikhalo nokungagculiseki ngeSuper League, bakhona abayishayela ihlombe njengoFarouk Khan onomlando ekuthuthukisweni kwebhola kuleli, noseke wahlala emabhentshini amaqembu okubalwa eleChiefs, Sundowns neSantos.
“Yigxathu elihle kakhulu iSuper League ikakhulu ngasekuthuthukisweni kwebhola. Izotshala imali eningi nokuzosiza amaqembu akwazi ukuba nohlelo oluqondile lokubumba izinhlaka zezinkulisa,” kusho uKhan.
“Amaqembu ethu ayayidinga le mali ngoba isizowasiza akwazi ukugcina abadlali beqophelo. Abantu abamusa ukwesaba ukwamukela izinguquko. Vele kuyimvelo yabantu ukuba novalo ngento entsha ikakhulu uma besenemibuzo ngayo njengoba kusekuningi abangakakwazi ngeSuper League.”
Imibuzo ethunyelelwe iCaf igcine ingaphendulwanga kanti neSouth African Football Association (Safa) kucacile ukuthi isalinde iCaf ngemininingwane.
Ngenxa yeNdebe yoMhlaba eseQatar, ngoNovemba 21 kuya kuDisemba 18, abukeka emaningi amathuba okuthi eyeSuper League ithi ukulotha ize ivakashelwe ngonyaka ozayo.