KUNGENZEKA iPremier Soccer League (PSL), izithole ishaya ngomholi omusha njengoba kubikwa ukuthi u-Irvin Khoza, ongusihlalo, angase anqume ukuthatha umhlalaphansi.
NgoNovemba iPSL izoba nokhetho lobuholi obusha kanti ngokubika kweSunday World, uKhoza kungenzeka angalungeneli.
Ngokwemibiko kuthiwa iminyaka kaKhoza (76) iyona eyisizathu esikhulu esenza ukuthi abe manqika ukuqhubeka nalo msebenzi njengoba ebona sekufanele ayophumula.
UKhoza usehole le nhlangano yebhola elikhokhelayo kuleli kusukela ngo-2003. Ngaphansi kwakhe iligi enkulu yePSL, iDStv Premiership, ibalwa kwaphambili e-Afrika.
Ngaphansi kobuholi bakhe, iPSL ithole abaxhasi, okubalwa kubona bezokusakaza, iSuperSport obabiza u-R1.6 billion ngesikhathi kusayinwa okokuqala ngo-2007. Kuze kube yimanje lezi zinhlangano zisasebenzisana ukweseka imidlalo yePSL.
Kuthiwa lezi zindaba kungenzeka zingahlali kahle kubaxhasi njengoba kungacaci ukuthi ngabe iPSL inalo yini uhlelo oluqondile ngozothatha mhla uKhoza ethi khumu.
“Abatshalimali abayithandi into engaqondile. Ngakho uma ungabuza abaxhasi, bangathi bancamela ukuthi kuhlale yena, kunokubhekana nomuntu omusha. Akagudluki futhi uyakumela ukuthi babone inzuzo ekuxhaseni kwabo. Akakaze azibize ngomuntu omdala kodwa muva nje useqalile ukuzibiza kanjalo. Akakhulumi ngeminyaka yakhe kodwa manje useyakwenza. Kumele bakhulumisane naye ngokuthi ahlale. Kuhlezi kuyikomiti eliphezulu elihlezi lifuna ukuthi ahlale,” ucashunwe usho kanje umthombo.