IMENENJA kaSiyethemba “Gqosha” Sithebe waMaZulu FC, iyayichitha imibiko yokuthi lo mdlali usezinhlelweni zokudayiswa njengengxenye yokuqongelela imali eyasala umphathi omusha woSuthu, uSandile Zungu ethenga iqembu kuPatrick Sokhela.
Ngokombiko wephephandaba iDaily Sun, maphakathi nesonto, kuvele ukuthi uSithebe, uBongi Ntuli noSiphelele Maduna bayingxenya yesivumelwano sokudayiselana kwaleli qembu.
Kuthiwa kwavunyelwana phakathi kukaZungu noSokhela ukuthi kudayiswe laba badlali ukugcwalisa imali usomabhizinisi waseMlazi asayikweleta uSokhela.
Sekuyindaba endala o ukuthi uSokhela udayisele uZungu AmaZulu ngaphambi kokuqala kwale sizini, wafike wenza izinguquko ezinqala kuleli qembu okubalwa kukho nokuthenga abadlali abanohlonze.
Ethintwa yiSolezwe ngoMgqibelo/ngeSonto, uSihlangu Sithebe, weSihlangu Sithebe Attorneys, oyimenenja nomalume kaSithebe uthi ingamampunge eyokuthi lo mdlali uyingxenye yalolo hlelo.
Uthe njengoba kuvalwa newindi lokudayiselana belingakababikhona iqembu elimfunayo.
“Ngithi angikuqinisekise njengemenenja ephethe izindaba zikaSiyethemba ukuthi njengamanje kuleli windi lokuhwebelana alikho iqembu eselike lavela lathi lifuna ukumsayinisa. Ngakho-ke imibiko enjengaleyo ngiyithatha njengengamampunge,” kusho uSihlangu.
“Khona ngingakuveza ukuthi sike saxoxisana neSundowns engakahambi uPitso (Mosimane), kodwa-ke okuthe uma sekuhambe yena izingxoxo esase siziqalile zafadabala.
“Njengamanje uSiyethemba ugxile ekusizeni iqembu lakhe lenze kahle kule sizini eqhubekayo.”
Ebuzwa ukuthi kukhona yini akwaziyo ngesivumelwano sikaZungu noSokhela, uthe:
“Cha, kanginalo noluncane ulwazi ngalokho. Ngicabanga ukuthi uma kuwukuthi bayakweletana, bakweletana bodwa, abadlali abangeni lapho.”
Kuqhamuka lezi zindaba nje, ilokhu ivele njalo eyokuthi uSithebe noNtuli baphakathi kwabadlal boSuthu abafunwa uthuli ngamanye amaqembu ePremiership.
UNtuli yena kuvela nokuthi ufunwa ngelinye lamaqembu aseQatar, e-Asia.
Iwindi lokuhwebelana ngabadlali liqale ngoJanuwari 18, lizovalwa ngoFebhuwari 15.
USithebe, uNtuli noMaduna, bobathathu bangabadlali abamqoka kuleli qembu eliqeqeshwa nguBenni McCarthy.
UNtuli, obesenesikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala, emidlalweni emine asayidlalile kule sizini eluleme, useshaye amagoli amabili.
Ushaye igoli behlula iBaroka ngo 2-0 nelinye benqoba iStellenbosch ngo 2-1 eKings Park ngoLwesihlanu ntambama.
Uzobe ebhekiwe ngoLwesibili sebedudulana neBloemfontein Celtic eThekwini ngo-3 ntambama.