IMENENJA yomgadli waMaZulu FC, uGabadinho Mhango, okungacaci ngekusasa lakhe kulandela inkulumo kamengameli weqembu, (uSandile Zungu), yokuthi uzokhuculula abadlali abangu-11, ayizange iphume nempendulo ngesikhathi ibuzwa ngokuzokwenzeka ngalo mdlali waseMalawi.
UMhango oneminyaka engu-30 ubudala ufike Osuthwini ngonyaka odlule esuka kwiPirates. Ubesephikwa yijezi kanti uke wabikwa ngokungaziphathi kahle ngaphandle kwenkundla.
Kuxakile nokho sekuvela ukuthi leli qembu liwusebenzisile uphawini ebelinegunya lawo wokukhulisa ngenye isizini inkontileka (ebiphela nePirates).
Lokhu kungaboni ngasolinye obekusolakala phakathi kwalo mdlali nePirates, kulandelwe ukuthi uMhango aphambane noThapelo Xoki, osayiniswe yiPirates ngasekuqaleni kuka-2022/2023 osanda kusongwa.
Ukuvela kokuthi Usuthu luhlela ukukhomba indlela abadlali abangu-11, kulandelwe ukuthi Isolezwe lithinte uMike Makaab okunguyena obhekele izindaba zalo mgadli.
“Anginayo impendulo eqondile ngekusasa likaMhango kuMaZulu ngoba kusesekuseni kakhulu ukuthi ngabe sekukhona osekwenzekile ukuthi sekungamenyezelwa,” kusho uMakaab.
Nakuba uZungu engazange awaveze amagama abadlali abahambayo ngaphandle koLehlohonolo Majoro,Thabo Qalinge, noJody February obebolekwe kwiMamelodi Sundowns, kungenzeka nalo mdlali waseMalawi abe kulolu hla kwazise ubeselizwa ngendaba ijezi imidlalo isiyela ngasemaphethelweni.
“Isizini isanda kuvala ngakho-ke okuningi ngeke kwenzeke manje ingakho ngithi akukho engingakusho,” kuqhuba uMakaab. Ngokusho kukaZungu sebazisiwe bonke abangasadingeki kuSuthu.
Ebuzwa ngemibiko ematanisa u-Andile Jali, nePirates ayeyidlalela ngaphambi kokuya eBelgium, uMakaab uphendule ngendlela efanayo.
“Nasodabeni lukaJali kuyafana. Kusesekuseni kakhulu ukuthi ngabe kukhona osekwenzekile.” UMakaab uke wakuveza phambilini ukuthi ziningi izicelo ezikhona ngoJali ohlukane neSundowns kungesekuhle kulandela izinsolo zokungaziphathi kahle ngaphandle kwenkundla.