IMARUMO Gallants kuzomele idlule eqenjini elidla izambane likapondo, iPyramids FC yase-Egypt, ukuze ifinyelele kowandulela owamanqamu we-Caf Confederation Cup.
La maqembu azodlala umlenze wokuqala wama-quarterfinal eCairo ngeSonto ntambama, owesibili udlalelwe eGoli ngempelasonto ezolandela.
IBahlabane Ba Ntwa iqhwakele eqoqweni uGroup A ngamaphuzu angu-12 emidlalweni eyisithupha, iPyramids yalala isibili kuGroup B ngamaphuzu angu-11.
Leli qembu lase-Egypt lasungulwa ngo-2008 eBeni Seuf, libizwa nge-Al Assiouty Sport. Lakhushulelwa esigabeni esiphezulu okokuqala ngo-2014 kodwa lagawulwa yizembe ngesizini yalo yokuqala.
Laphinde lakhuphuka ngesizini ka-2016/17. Ngo-2018, lathengwa yiSaudi Sports Authority, eholwa nguTurki Al-Sheikh, ocaphuna kusale, ngenhloso yokuthi kube neqembu lesithathu elizobangisa i-Al Ahly neZamalek.
Wabe eseshintsha igama kwaba yiPyramids FC, iqembu lathuthela eCairo. Imidlalo yasekhaya liyidlalela e-30 June Stadium, emumatha abalandeli abangu-30 000.
Ngesizini yayo yokuqala isebenzisa igama elisha, iPyramids iqede endaweni yesithathu kwi-Egypt Premier League ka-2018/19, yenza okufanayo ngo-2019/20 nango-2020/21.
Yangena kowamanqamu weConfederation Cup iqala ukudlala kulo mqhudelwano ngo-2019/20, yaguqiswa yiRS Berkane yaseMorocco ngo 2-0. Ngesizini elandelayo yakhishwa yiRaja Casablanca kowandulela owamanqamu kanti ngeyedlule iwashiswe ijezi kuma-quarterfinal idliwa yi-TP Mazembe yase-DR Congo.
Ngesizini ka-2021/22 ilale isibili ngemuva kweZamalek kodwa ingene kwiConfederation Cup ngenxa yokuthi kwashaya isikhathi esasinqunywe yi-Caf sokuthumela amagama amaqembu ingaphelanga imidlalo yeligi.
Icijwa ngumqeqeshi wasePortugal, uJaime Pacheco, othathe izintambo ngoJanuwari ngemuva kokusula kukaTakis Gonis.
Abadlali abagqamile ngowasesiswini uRamadan Sobhi nowaphambili uMostafa Fathi, abadabuka e-Egypt kanye nomgadli wakuleli, uFagrie Lakay.
IPyramids isayibambe endaweni yesithathu kwi-log ye-Egyptian Premier League ngamaphuzu angu-46 emidlalweni engu-24. Izongena koweGallants ihambela phezulu ngemva kokuqoqa amaphuzu amathathhu ngoLwesibili ebusuku, idla i-El Dakhleya ngo 2-0 ekhaya.
IBahlabane Ba Ntwa nayo izongena izethemba kwazise ayisekona ukudla kwenduku kwiligi yakuleli njengaphambilini. Isidlale imidlalo eyisikhombisa yeligi ingahlulwa, yanqoba emithathu, yadlala ngokulingana kwemine.
Kowakamuva obungoLwesibili ebusuku icoshe elinye iphuzu ibambana neSuperSport United ngo 0-0.
Noma kunjalo isasengcupheni njengoba isendaweni ka-13 ngamaphuzu angu-28 emidlalweni engu-27.