ZIBALEKISA izinkunzi zeDStv Premiership izigidi ezifunwa yiMaritzburg United ngomdlali oyinyama, uKarim Kimvuidi, osaduve kwiTeam of Choice emuva kwenyanga igawulwe yizembe.
IMaritzburg idliwe yizembe kwiPremiership emuva kokwehluleka ukuwina kwiCape Town Spurs emdlalweni wokugcina weyokuhlunga eMgungundlovu.
Baningi abadlali asebekhululwe yileli qembu njengoba lilungiselela ukuqala impilo entsha kwiMotsepe Foundation Championship.
NgoMsombuluko limemezele uZipho Dlangalala njengomqeqeshi omusha. Nokho uKimvuidi (21) waseDemocratic Republic of Congo usabhajwe eMphithi ngenxa yesamba sika-R12 million okuvela ukuthi sibizwa ngusihlalo weMaritzburg, uFarook Kadodia, emaqenjini amfunayo.
Emaqenjini asejike khona kubalwa iKaizer Chiefs, Orlando Pirates, AmaZulu, Swallows neSekhukhune United.
UKimvuidi utshele leli phephandaba ukuthi ubanjwe yizigidi ezifunwa nguKadodia ngaye.
"Usihlalo ungitshele ukuthi uma kuneqembu elingifunayo alize no-R12 million. Akhona amaqembu aseMzansi abeke etafuleni u-R6 million wathi ufuna okungaphezulu,“ kusho uKimvuidi.
“Wenqabe ngisho efuna ukukhipha u-R10 million noma u-R9 million. Kodwa ke nginenkontileka lapha, ngiyayihlonipha.
“Ngizoziqeqesha okungenani amasonto amabili, emuva kwalokho ngizocela ukuhamba.”
"Usihlalo uyazi ukuthi angifuni ukudlala esigabeni ezingezansi. Ngaphambi kokuthi ngize lapha eNingizimu Afrika, bekukhona amaqembu abengifuna eFrance naseSpain kodwa wathi ngizodlala isizini eyodwa ngihambe uma kukhona iqembu elingifunayo phesheya. Lapha eNingizimu Afrika ngize ngoba ngizodlalela iMaritzburg.“
UKimvuidi ujoyine iMaritzburg ekuqaleni kwesizini ka-2022/2023 esuka kwiDC Motema Pembe yangakubo eDRC, wasayina inkontileka yeminyaka emibili enombandela wokuyivuselela ngonyaka.
Akuyena yedwa obanjwe yiTeam of Choice ngoba ifuna amangqushana ngaye.
Omunye nguRowan Human, ovutha engabaselwe eqenjini leBafana Bafana elidlala emqhudelwaneni iCosafa Cup eThekwini nomgadli waseFrance u-Amadou Soukouna okuthiwa kungenzeka aphelele eSaudi Arabia.
“Ngifisa ukuyodlala phesheya. Likhona iqembu lase-Azerbaijan elikhulumayo kodwa ngokwami ngifuna ukuya eGermany noma e-England,” kusho uKimvuidi.
Imizamo yokuthola uKadodia ayiphumelelanga kwazise ucingo ubengaluphenduli.