UKUBHIMBA kwezinto kwiManchester United kule sizini cishe yikhona okwenze kwathi gidi kubalandeli baleli qembu ngenkathi liguqisa iLiverpool emdlalweni wama-quarterfinal eFA Cup ngeledlule lazibekisela indawo kowandulela owamanqamu alo mqhudelwano.
IManchester United ilwe njengamabhubesi ibuya sekuvalwe amehlo ibhuquzisa iLiverpool ngo 4-3 ngeSonto eledlule, e-Old Trafford. Izobhekana neCoventry City edlala kwi-English Championship kowandulela owamanqamu ngo-Ephreli 20, eWembley Stadium, eLondon.
Komunye owandulela owamanqamu iManchester City izobhekana neChelsea, khona eWembley Stadium, ngosuku olulodwa. Owamanqamu weFA Cup uyodlalwa ngoMeyi 25, kuyo inkundla iWembley.
Njengoba iMan United izibekisele indawo kowandulela owamanqamu nje futhi iyodlala neqembu eligijima esigabeni esiphansi, ngakho amathuba ayo okufinyelela kowamanqamu abukeka emakhulu.
Kwenzeka lokhu nje, leli qembu laseManchester izinto azihambi ngendlela abalandeli nabaphathi balo abebefisa ngayo njengoba kuze kube manje lingekho ohlwini lwamaqembu asembangweni wesicoco se-English Premier League.
IMan United esendaweni yesithupha kwi-log yePremier League, yehlukaniswe ngamaphuzu angu-17 nangu-16 ne-Arsenal, iLiverpool neMan City, abahlezi endaweni yokuqala neyesibili neyesithathu ngokwehlukana kwi-log yePremier League.
Ukaputeni wayo iMan United, uBruno Fernandes, uzwakale ebuyelwa yithemba.
“Sike sakhuluma ngokuguqula izinto kodwa besingakasithathi isinyathelo. Ngakho-ke ukunqoba kwethu sedlulele kowandulela owamanqamu eFA Cup kubuyise ithemba kithina.
Khona siyakuqonda ukuthi iFA Cup nePremier League izinto ezimbili ezahlukene. Kwiligi njengamanje sisalelwe yimidlalo engu-10 futhi asizimisele nakancane ngokulahla amaphuzu emidlalweni yethu elandelayo, ikakhulukazi esizowudlala neBrentford (ngesonto elizayo),” kusho uFernandes, ecashunwa yi-AFP News.
Ngaphandle kukakaputeni uFernandes, nakuye uqobo umqeqeshi weRed Devils, u-Erik ten Hag, kubuya ithemba.
“Uma uhlula iLiverpool ungahlula noma yiliphi iqembu," kusho uTen Hag.
"Leli qembu linokuzethemba nomfutho wokwenza izinto ezinkulu. Esikudingayo nje ukugcina Lo mgqigqo esikuwo njengamanje."
UTen Hag ungaphansi kwengcindezi yokugeza igilo abaphathi beMan United nokuthoba izinhliziyo abalandeli baleli qembu lase-Old Trafford osekuphele amasizini amaningi linganqobi isicoco esikhulu.
IMan United yagcina ukuphakamisa isicoco sePremier League ngesizini ka-2012/13, kanti eseFA Cup yagcina ukusiphakamisa ngesizini ka-2015/16.
Ukuphuma ekuseni kwiChampions League yakule sizini nokubhala icisha kweMan United yikho kanye osekuqongise ingcindezi kuTen Hag okusabhekwe lukhulu kuyena ekubuyiseni izinsuku ezimnandi e-Old Trafford.
Ngakho akungatshazwa ukuthi ukunqoba iFA Cup nokuzibekisela indawo kwiChampions League yangesizini ezayo, yikho okungamakhela ugazi kubaphathi nabalandeli beMan United.
IRed Devils izobuyela ensimini kweyePremier League ngemuva kwekhefu leFifa, ngokubhekana neBrentford ngomMashi 30, eGtech Community Stadium, eBrentford.